ISIMEMEZELO SOMGOMO (MANIFESTO) |
Back | |||||||||
| [Imisebenzi]
[Ubugebengu] [Guhulumeni Owethulayo] [Imfundo] [Imigomo] [Indlela
eya Phambili] |
||||||||||
|
||||||||||
![]() |
UMLAYEZO WOMNTWANA MANGOSUTHU
BUTHELEZI, UMENGAMELI WEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO Siphila ezweni elinamathuba amakhulu. Kaligcini nje ngokuba yizwe elihle, elivusa amadlingozi nelivumela izinguquko, kepha liyizwe esidinga ukuhlangana kulo sibhekane nezinselelo eziningi ezisigqolozeleyo njengoba sizakhela izwe elingcono nje thina nezingane zethu kanye nabazukulu bethu. Kepha iNingizimu ne-Afrika iqhelelene kakhulu nokuba yizwe elingenasici. Lisakhungethwe yizinkinga ezijulileyo. Likhungethwe ukuntuleka kwemisebenzi. Likhungethwe ngubugebengu. Likhungethwe ngubuphofu. Likhungethwe yizifo. Likhungethwe ngukukhohlakala. |
|||||||||
| Likhungethwe ukubhidlika kwesimilo somphakathi. Likhungethwe
ukuntuleka kwenhlonipho nokuziqoqa. Likhungethwe ukuntuleka kokuhloniphana. Likhungethwe
ngubuvila. INingizimu ne-Afrika ibhekene nokungabuswa ngokuyikho ezigabeni ezimqoka futhi
iya ngokuya ingabuseki, kanti ezikhathini ezithile isivele kayisabuseki. Kuyinto efanele ukusidalela ukukhathazeka sonke ukuthi eminyakeni emihlanu nje ngemuva kokhetho olwaba yingqophamlando luka-1994, liyakhula izinga labantu bezwe lakithi lokungabaza ikhono lombuso wethu omusha wentando yeningi lokwethula ezigabeni ezimqoka eziningi kangaka. Imisebenzi ilahleka ngejubane elesabekayo kanti lunjalo nje lolukhondolo luyaqhubeka. Njengoba ubugebengu sebusiphunyuke ngokupheleleyo nje, iNingizimu ne-Afrika isinegama elibi njengenhlokodolobha yobugebengu emhlabeni wonke. Okungephezu kwalokho, okudala ukukhathazeka kakhulu ukuthi umuntu akakwazi ukuxazulula isimo esibucayi sobugebengu ngaphandle kokubhekana nesimo esibucayi ekudalweni kwamathuba emisebenzi. Ukukhohlakala kuyoyonke imikhakha yomphakathi kungububi obungena isinyenyela nobusabalala ngejubane elethusayo. Impilo iya ngokuya ibanesihluku futhi ibanzima ngezindlela eziningi kubobonke abantu baseNingizimu ne-Afrika. Lokhu kufanele kubeyinto engemukelekiyo kini njengoba ingemukeleki kimi naseqenjni
engiliholayo. |
||||||||||
|
||||||||||
[Phezulu] [Imisebenzi] [Ubugebengu] [Guhulumeni Owethulayo] [Imfundo] [Imigomo] [Indlela eya Phambili]
|
||||||||||
| IMISEBENZI | ||||||||||
| Nxa izigidi zezakhamizi ezilambileyo zehluleka ukufumana
imisebenzi ngenxa yokuba ingekho imisebenzi, kusho ukuthi izwe kalibuswa ngokuyikho.
Kakusibo abantu abantula imisebenzi kuphela abafanele ukubhekana nalesisimo njengesimo
esibucayi kakhulu lesi yisimo esithinta ukuzinza kwalolonke izwe nokufaneleka
kukahulumeni. |
||||||||||
|
||||||||||
|
||||||||||
|
||||||||||
| UBUGEBENGU |
||||||||||
Isibopho sokuqala sikanoma yimuphi uhulumeni ukuvikela
izakhamizi zakhe kepha nxa kubulawa izakhamizi eziyizi-25 000 minyaka yonke, nalapho
iningi lababulali bengabanjwa, ingasaphathwa-ke eyokugwetshwa, kusho ukuthi izwe kalibuswa
ngokuyikho. Nxa amashumi ezinkulungwane zabesifazane namantombazane bedlwengulwa kepha
bangazihluphi nokuzihlupha nje ngokubika ngoba bazi kahle kamhlophe ukuthi kakusizi
ngalutho ukubika, kusho ukuthi uhulumeni uyehluleka ukulekelela abantu.
|
||||||||||
[Phezulu] [Umlayezo Womntwana Umengameli] [Imisebenzi] [Guhulumeni Owethulayo] [Imfundo] [Imigomo] [Indlela eya Phambili]
|
||||||||||
| UHULUMENI OWETHULAYO | |
|||||||||
| Nxa uhulumeni ebusa kabi, lokhu kunikeza isibonelo esibi
futhi kuvimbela nokwethula okusebenzayo. Uhulumeni useguqulwe ngempela kuleminyaka
emihlanu edlule, kepha lokhu kakwenzekanga ngaphandle kwezinkinga. Ukubusa okuyikho kusho
ukubusa okuhlanzekileyo, ukubusa okunekhono, kanti okungaphezu kwakho konke, kusho
nokubusa okwethulayo. |
||||||||||
|
||||||||||
|
||||||||||
| IMFUNDO | ||||||||||
EImfundo isesimeni esibucayi, kepha ukubumbuthela imali kuyo kakusilo ikhambi lokuxazulula inkinga. Impela, njengoba imiphumela ivamise ukufakaza, umbandela omqoka kunayoyonke ekukhiqizeni imiphumela emihle kuvamise ukuba kube ngumoya wabafundisi nabafundi esikhundleni sokwabiwa kwamalungiselelo nje.
|
||||||||||
|
||||||||||
|
[Phezulu] [Umlayezo Womntwana Umengameli] [Imisebenzi] [Ubugebengu] [Guhulumeni Owethulayo] [Imigomo] [Indlela eya Phambili]
|
||||||||||
|
|
||||||||||
INingizimu ne-Afrika iphezu kwedwala elishelelayo ngezindlela eziningi maqondana nezimilo. Siya ngokuya sibekwa njengezwe elinezimpawu zemigomo ebuthakathaka, ukuzithokozisa, ukukhohlakala emkhakheni womphakathi nasemkhakheni ozimeleyo, isiko lokulindela ukwenzelwa, ukwenzelelana ngobungani nokufunela izihlobo izikhundla, konke okungabikezeli lutho oluhle ngekusasa. |
||||||||||
|
||||||||||
|
||||||||||
| [Phezulu] [Umlayezo Womntwana Umengameli] [Imisebenzi] [Ubugebengu] [Guhulumeni Owethulayo] [Imfundo] [Indlela eya Phambili]
|
||||||||||
| INDLELA EYA PHAMBILI | ||||||||||
Naphezu kobunzima bethu obuningi, thina, sikanye nabobonke abanye abantu baseNingizimu ne-Afrika bentando enhle, sisenalo ithemba futhi siyaziqhenya ngalokho esikufezileyo. Kepha ngenkathi sonke sikuvuma lokhu, ngendlela efanayo kufanele sikwemukele ukuthi kusekuningi okusadinga ukwenziwa. Okokuqala nokumqoka, okudingwa yiNingizimu ne-Afrika
uhlelo lokuhlanganisa igebe elikhulu eliphakathi kwethemba nesimo esiyiso. Ithemba
kaliyihlinzeki imisebenzi. Ithemba kaliwondli umndeni olambileyo. Ithemba kalimvikeli
umuntu ebugebengwini. Kepha lokhu kakukwazi ukufezwa ngaphandle kohlelo lokusebenza, uhlelo, ikakhulukazi, okuzodingeka ukuba lukhombise izinyathelo ezinqala nezinqumo okungenzeka ukuba zingathandeki nxa luzophumelela ukulungisa izinkinga esibhekene nazo. Uhulumeni olandelayo weNingizimu ne-Afrika kufanele akunciphise ukugxilisa umqondo wakhe emicabangweni nasemithethweni engenasimo, kepha aqinise ekufezeni nasekwethuleni. Nxa sesikhethwe njengeqembu eliyiningi ePhalamende, sizogxila ezinhlangothini ezintathu ezingukhiye ekwethuleni ikhono likahulumeni, ukukhiqiza kwezomnotho nesimo esizinzileyo ezingeni lomphakathi. Lana ngamatshe amathathu ayisisekelo sohlelo lwethu lokusebenza. Ukubhekana nalokhu kuyobeka izisekelo zeNingizimu ne-Afrika ephumelelayo kulenkulungwane yeminyaka ezayo. Kepha ngabaholi abaqatha nabazinikeleyo abakuhulumeni abangafeza loluhlelo, kanti futhi
yiQembu LeNkatha Yenkululeko kuphela ngaphansi koMengameli walo eliqatha ngokweneleyo
nelizinikele ngokweneleyo ukwenza lokho okufanele ukwenziwa. |
||||||||||
|
||||||||||
[Phezulu] [Umlayezo Womntwana Umengameli] [Imisebenzi] [Ubugebengu] [Guhulumeni Owethulayo] [Imfundo] [Imigomo] |
||||||||||
Designed and maintained by Byte Internet Services - Copyright © 1999