|
NgoLwesibili: 09 Mashi 2010
I-IFP ithi kuyadabukisa ukuthi umsebenzi
omuhle woMphrofethi Isaya Shembe wokusungula kanzima iBandla
lamaNazaretha sewacekelwa phansi yimibango yobuholi ngaphakathi
kuleliBandla. I-IFP isho lokhu namuhla ePhalamende lesiFundazwe
elihleli ezinkundleni zemidlalo eSabuyaze KwaMaphumulo ngenkathi
lihalalisela leliBandla ngokuqeda iminyaka eyikhulu lasungulwa.
Leliqembu liqhubeke lathi iBandla lamaNazaretha labanomnikelo
emzabalazweni wokukhulula abomdabu kulelizwe, ngokuvuselela
ukuziqhenya ngobu-Afrika. Ethula isiphakamiso sokuhalalisela
leliBandla, uMnuz. Blessed Gwala oyiLungu lePhalamende elimele i-IFP
uthe:
"ISIPHAKAMISO
Ngokuhlala kwaLeNdlu okulandelayo
ngiyophakamisa kanje:
"
1.
Sifisa ukuhalalisela iBandla lamaNazaretha njengoba
liqeda
iminyaka eyikhulu lasungulwa nguMphrofethi
Isaya Shembe
2.
LeliBandla lingelinye lalawo ayeyimpendulo yama-Afrika
ekucwasweni kwawo ngokwebala ngamaBandla
ayezalwe e-Yurophu; futhi mkhulu umsebenzi elawenzayo
ukuvuselela ukuzethemba kuma-Afrika nokuziqhenya ngempilo
yomdabu.
3.
Nokho kuyasidabukisa ukuthi umsebenzi omuhle woMphrofethi
uShembe sewacekelwa phansi yimibango
yangaphakathi eseyaholela ekuhlakazekeni kwaleliBandla.
"LeNdlu inquma:
1.
Ukwethulela isigqoko ngenhlonipho uMqali weNdlela nalabo
baHoli
abaliphatha ngobunono leliBandla
2.
Ukukuqopha phansi iminikelo yaleliBandla yokuvuselela
isithunzi
sobu-Afrika eyaba nomthelela onqala
emzabalazweni wokukhulula abomdabu
3.
Ukunxusa zonke izinhla zaleliBandla ukuba zakhohlwe
ngukuzicabangela zona kepha zisebenzele ubunye
beBandla njengesipho esimqoka sokuhlonipha leliqhawe le-Afrika
elingumsunguli walo
kuleminyaka eyikhulu"
Ngeminye imininingwane thinta:
UMnuz. Blessed Gwala
Ilungu LePhalamende
078 690 5777
|