MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

11 August 2008

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

Ukugujwa kosuku lwabesifazane kuvula ithuba elihle lokudlinza ngezinga nenkundla yabantu besifazane kanye nenqubekela phambili eyalandela usuku lomlando lapho abesifazane baseNingizimu Afrika bahlela imashi engakaze ibonwe futhi yaba yimpumelelo enkulu. Ngomhlaka 9 August 1956 abesifazane abalinganiselwa ku-20,000 bevela ezinkolweni ezehlukene futhi bemele izizwe ezehlukene bamasha baphikelela ezindlini zikahulumeni Union Buildings) ePitoli. Lezizinkumbi zabesifazane zazinenjongo eyodwa yokuphikisa uhlelo lobandlululo lwemithetho yamapasi.

Akungatshazwa ukuthi izwe lase Ningizimu Afrika selithathe igxathu elibalulekile ekwakheni umphakathi nohulumeni obeka phambili ukubhekelelwa kwabesifazane. Uma sibuka isimo emhlabeni kuyagqama ukuthi izwe lakithi lincintisana kahle namanye amazwe. Ucwaningo luka 2007 olubizwa ngokuthi "Social Watch Gender Equity Index" lubeka iNingizumu Afrika eqophelweni lokuba ngumbolo 42 emazweni angu 154. Ngokunjalo iNingizimu Afrika iyizwe lesibili emazweni ase- Afrika. 

Siyakuqaphela ukuthi iningi lamalungelo abesifazane aseshicilelwe emthethweni olotshwe phansi kodwa akude kakhulu nabesifazane abaningi.

Udlame olubhekiswe kwabesifazane lungenye yezinselele ezigqolozele izwe lakithi. Kuyimpicabadala ukuthi phezu kwezinga eliphzulu lamalungelo abantu besifazane kodwa ukuhlukunyezwa nokunukubezwa kwabesifazane ngokocansi kuyabhebhetheka.

Imiphumela yocwaningo esandakwaziswa ngabakwa Ipos Markinor ikhombisa ukuthi abesifazane abangamashumi amabili nesithupha ekhulwini kwabesifazane abansundu bezwa ukuphepha kwabo sekuse ngcupheni.

Kulesisimo kuyezwela kakhulu kwabesifazane abaminyaka yobudala engamashumi amahlanu.

Akwenele ukushaya imithetho evimbela zonke izinhlobo zokuhlukumeza nodlame olubhekiswe kwabesifazane okuhlanganisa amacala okudlwengula.

Isimo siyaphoqa ukuba kubanjwe iqhaza elibonakalayo kunokugubha usuku lwabesifazane njalo ngonyaka ngomhlaka 9 August. Kudingeka ukuba kugxiliswe isiko lokuhlonipha abesifazane. Lokhu kuqhutshwe ngezinhlelo ezihlelekile zemfundo. Ngokunjalo kukhuthazwe imigomo eqotho emindenini. 

Siphawula ukuthi isiko lokuhlonipha ukulingana ngokobulili kungenzeke ukuba lizuzwe ngezindlela ezinqamulelayo njengokusimamisa idlanzana labesifazane. Kuyaphuthuma ukuba kugqolozelwane nenselele yobuphofu kanye nokusilela emuva kwentuthuko okuyingxenye yempilo yezigidi zabesifazane, ikakhulu abesifazane ezindaweni zasemakhaya.  

nguDokotela Lionel Mtshali                        

UMholi weQembu Eliphikisayo        

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902