MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 


Umlayezo Weviki Ovela Kumholi Weqembu Eliphikisayo Obhekiswe Kubantu BaKwaZulu Natali

16 June 2008
 

Zakhamizi zesifundazwe saKwaZulu Natal

Njengosopolitiki nesakhamuzi kungifanele ukuba ngizihluphe ngenselele egqolozele uhulumeni ezinyangeni eziyisishiyagalombili ezisele ngaphambi kokhetho lukazwelonke. Kudela owaziyo ukuthi uhulumeni wosuku uyokwenza njani ukuphunyula kulezizimo ezilukhuni ezilandelayo: ukukhuphuka kwezinga lokwenyuka kwesimo sempilo, izintela ezikhuphukayo ngokunjalo inzuzo, ukubekeka ebucayini kwesimo sokudla, ukukhuphuka kwezinga lobugebengu, ukuphazamiseka kwamandla kagesi, ukukhuphuka kwentengo kapetiloli, ukuhlukunyezwa kwalabo abangabokufika kulelizwe kanye nokwethulwa kwezidingo zomphakathi kulezizigidi ezilindile. 

Akungatshazwa ukuthi lezizinkinga ziqhutshelwe phambili futhi zibhebhethekiswe yimigomo yenqubo eyehlulekile kahulumeni wosuku. Kwaze kwakuhle ukuthi asilawulwa nguhulumeni obambisene. Azisekho izaba nokucasha ngokubambisana kuhulumeni. Umphumela wokwehluleka kukahulumeni kaKhongolose usobala ukuthi izwe libe ngumahluleli. 

Kuyakhathaza kakhulu ukuthi inqubo kahulumeni olawulwa ekomkhulu, futhi uhulumeni othanda ukungenelela esimeni somnotho nasempilweni yesizwe usungene emgudwini wezinqumo ezemukelwa ngezwi leningi ePolokwane ngonyaka owedlule. Akungatshazwa ukuthi uhulumeni oholwa yileli qembu uyolandela lemigomo eyisibopho. 

Iqembu leNkatha alikho enkingeni yokuthwala imfundiso kaKarl Marx.

Yingakho nje thina be-IFP sizinikele ezixazululweni kwezomnotho ezikhuthaza ukuxegiswa kwemithetho okukhinyabeza intuthuko yomnotho, umnotho okhululekile nokhuthaza ukuqhudelana kanye nokudedela izinhlelo zokusebenza ngendlela ekhululekile. Kunzima ukuthi kunezinkinga nezinselele okudingeka ukuba zinqotshwe ekuhlinzekelweni kwempilo, imfundo kanye nezimpesheni. 

Kunombuzo othi ngabe uhulumeni wosuku uyazibuza yini ukuthi kwenziwa yini ukuba uhlelo oluzimele lwezempilo lusebenze ngempumelelo kuna lolo lukahulumeni. Kusobala futhi ukuze kulungiswe isimo sezempilo kuyodinga ukuba kugcizelelwe uhlelo olusebenzayo futhi oluvula ithuba lokuqhudelana.

Iqembu leNkatha liphumele eshashalazini ekukhankaseleni ukuxegiswa kwentela kapetiloli. Siyakuqaphela ukuthi umthwalo wentela sewenze ukuba uhulumeni abuthe izimali ezesabekayo ezikhwabaniswa yizikhulu zikahulumeni ezinomnikelo ekusaphazweni kwemali yabakhokhi bentela.

Leminyaka eyishumi nemine ibe yithuba lokulandelwa kwemigomo esekelwe ezinkolelweni eziphuphile. Sikhuluma lapha ngohulumeni ka-ANC owehlulekile. Ithuba loguquko liyoba sezandleni zeqembu eliyodla

umhlanganiso okhethweni lukazwelonke ngo 2009.  

nguDokotela Lionel Mtshali                        

UMholi weQembu Eliphikisayo      

Contact: Dr Lionel Mtshali, 083 256 4902