|
21 Julayi 2010
UPhiko lweNtsha ye-IFP luthi luyakunaka
ukuphawula koPhiko lweNtsha ye-ANC KwaZulu-Natali, ebeka uMholi
we-IFP njengondlovukayiphendulwa.
NgokweNtsha ye-IFP, lokhu kakukhombi nje
kuphela ukungephusi, ukubamiqondo-mifishane, nokuntululwazi
kweNtsha ye-ANC ngokombusazwe; kepha futhi kukhomba
nokungaziqondi izinto eziyizisekelo kwezombusazwe.
"Undlovukayiphendulwa ngokwemvelo yakhe
ngumuntu ongafuni ukudedela amandla, lokho okungenjalo
ngoMntwana wakwaPhindangene.
Kungubuphukuphuku ukuthi uMntwana
uyihlehlisa ngabomu iNgqungquthela ngoba esaba ukuthi uzodliwa
yivoti; ekubeni engakasho ukuthi uzophinda yini alumele ukhetho
lwesikhundla sikaMengameli. Ngaphezu kwalokho, sekuneziqubu
ezimbili uMengameli we-IFP ezwakalisa inhloso yakhe yokushenxa
Eesikhundleni kepha wanxenxwa ngamalungu eqembu. Usebenza
kulesikhundla ngokucelwa yi-IFP futhi usebenzela ukusikalala
kwayo; hhayi ngoba engazimisele ukudedela amandla," kusho uPat
Lebenya-Ntanzi iLungu lePhalamende nonguSihlalo kaZwelonke
weNtsha ye-IFP.
Wenezele ngokuthi "isinqumo sokuhlehlisa
iNgqungquthela ye-IFP kwaba ngesathathwa nguMhlahlandlela we-IFP
ngo-elethu; kakubanga nje yisinqumo soMntwana njengoba iNtsha
ye-ANC ibika."
UNkk Lebenya-Ntanzi uthe i-ANCYL iyaziwa
ngokuhlasela kwayo uMntwana, lokho okuvusa imibuzo enzulu
ngokuthi bayinhlangano yezombusazwe ephusileyo yini noma
bayiqoqo lemigulukudu, okuthi esikhundleni sokuba ixoxe izindaba
zombusazwe eziqondene nesimo bona beneliswe nje yikuhlasela
abantu abamqoka.
"UPhiko lweNtsha ye-IFP lalungawujoyina
umshungu wokuhlekisa ngoMengameli we-ANC ngenkathi abezindaba
bememza inhlekisa ngezindaba zakhe zothando olungaphandle
komshado kanye neningi lamanye amaphutha akhe ezombusazwe; kepha
sazithiba ekwenzeni lokho ngoba sasikhanyelwa yikuthi kwakungeke
kubenamnikelo ezindabeni zombusazwe zansuku-zonke.
Kuze kube manje futhi kasikaze siphawule
ngoqhekeko olodla-lubi kulo uPhiko lweNtsha ye-ANC oseluholele
ekuxoshweni kukaMnuz. Masoga; ngoba njengeqembu kasithokoziswa
yikugiya ngezinkinga ezisuke zibhekene namanye amaqembu
ombusazwe. Siyazi ukuthi amaqembu ombusazwe azinzileyo
ayadingeka ukuze kubenentando yabantu ezinzileyo," kusho
uLebenya-Ntanzi.
Wenezele ngokuthi, "ukuxosha umholi
wentsha ngoba nje engachemanga noMengameli we-ANCYL, uMnuz.
Julius Malema kuyisibonelo esiqandikhanda sokuthi iNtsha ye-ANC
isebenza ngemigomo yobundlovukayiphikiswa.
Mhlawumbe kuyoba ngubuhlakani ukuba
i-ANCYL ishanele indlu yayo kuqala ngaphambi kokushumayeza i-IFP."
UNkk Lebenya-Ntanzi uthe izinsolo
zokuthi i-IFP "kayisiyo inhlangano ebusa ngokwentando yabantu
kepha ingumbutho womdabu wamasiko " kazisilo neze iqiniso.
"Selokhu kwathi nhlo i-IFP ilawulwa
yimigomo yentando yabantu futhi simi kasizamazami ekuzinikeleni
kulemigomo. Kube yingenxa yakho kanye lokho kuzinikela
entandweni yabantu ukuba i-IFP inqume ukuyihlehlisa
iNgqungquthela kuze kube yilesosikhathi lapho isimo sesilungile,
ukuze intando yempela yabantu izwakaliswe ngokhetho lwentando
yabantu.
"Ngaphezu kwalokho, ukukhuluma okuthi
siyinhlangano yamasiko kuyikukhulumsa okusangeneyo: Nxa nje uthi
nhla kulabo abasimele kuhulumeni uzobona ukuthi singukuphela
kweqembu lapho izinhlanga zalelizwe zimeleleke kahle ngaphezu
kwawowonke amanye," kusho uNkk Lebenya-Ntanzi.
Okokugcina uSihlalo we-IFPYB uthe
liyihlaya ikhwelo lokuba i-IFP ijoyine i-ANC.
"Ngenkathi i-ANCYL isola ngokungeyikho i-IFP
ngokuba yinhalngano engabusi ngokwentando yabantu, lona kanye
lelikhwelo le-ANCYL lokuba i-IFP ijoyine i-ANC lingubufakazi
bokuthi kabazinikele ekubuseni ngentando yabantu lapha
eNingizimu Afrika. Ekuphokopheleni kwabo ekwenzeni iNingizimu
Afrika ibeqembu-linye, bafuna ukubona wonke amaqembu aphikisayo
ehluleka. Kungumthwalo wabaholi abasha be-IFP ukuqinisekisa
ukuthi i-IFP kayiphephi nje kuphela kepha futhi iyakhula; lokho
bekwenzela abantu abantu baseNingizimu Afrika kanye nombuso
wakithi wokubusa ngamaqembu amaningi," kuphetha uNkk
Lebenya-Ntanzi.
Siyaphela
Ngeminye Imininingwane thinta:
UNkk Pat Lebenya Ntanzi MP; 078 186 3619
Noma uNksz. Liezl van der Merwe
IsiKhulu se-IFP SokuXhumana NabeziNdaba; 082 729 2510 |