MEDIA STATEMENT BY THE
INKATHA FREEDOM PARTY

 

ABALWELA IZILWANE BAYENZELELA


IsiTatimende SabeZindaba: NgoLwesithathu
25 Novemba 2009

Inkatha Freedom Party ithi inhlangano yabalwela abalungelo ezilwane babukhali ngangaxanye njengommese njengoba bengakaze bakhalaze ngezinhlanzi ezidotshwa kabuhlungu zikhishwa emanzini. KusiPhakamiso asethule namhlanje kusiShayamthetho saKwaZulu-Natali eMgungundlovu, uMnuz. Bleesed Gwala oyiLungu lePhalamende elimele i-IFP uthe i-IFP iyamangala ngomsindo ongenasidingo osuwenziwa yilenhlangano esikhundleli sokuba ixhumane neSilo ngenhlonipho ububhunga nagloludaba. Uthe okubaxakayo ukuthi iziznhlanzi zidotshwa mihla-kwasa zikhishwa kabuhlungu emanzini kepha kabakaze bakhonnde; kanti futhi nase-Spain kunomdlalo lapho kudlalwakhona ngenkunzi ize ife. Siqhubekile isiPhakamiso sathi:

1.    Siyamangala ngomsindo ongenasidingo walabongqeqe abalwela izilwane ngodaba lokubulawa kwenkunzi eMkhosini WokweShwama

2.    Esikhundleni sokuxhumana ngenhlonipho neSilo babhunge ngaloMkhosi, banqume ukubanga umsindo futhi besabise oNgangezwe nangezinkantolo.

3.    Kuyasixaka ukuthi kabakaze babangemsindo ngesihluku esibonakala lapho izinhlanzi zidonswa kabuhlungu emanzini ngodobo; nalapho abaseSpain bedlala ngenkunzi ize ife ngayoyonke imiGqibelo.

4.    Kusobala inhloso yabo ukuveza emhlabeni isithombe esidicilela phansi uZulu njengesizwe esisaphila ehlathini elimpisholo 

LeNdlu inquma:

1.    Ukusishayela ihlombe isinyathelo sezithunywa zeNdlunkulu sokungawuhambeli umhlangano obuhlelelwe ukuyenga iNdlunkulu ukuba ivumele ukweduswa.

2.    Ukwazisa bonke labo abakulomkhankaso wokudicilela phansi uZulu ukuthi kasinakuvuma ukwesatshiswa futhi sizimisele ukubhekana nabo kunoma yiyiphi inkundla.

 Siyaphela:


Ngolunye ulwazi, thinta:
UMnuz. Blessed Gwala
iLungu lePhalamende le-IFP                         
078 303 0010