|
IZINQUMO
INgqungquthela
Yonyaka ye-IFP ihlangane Ondini ngomhlaka-25 Julayi yemukela ngazwi linye:
ISINQUMO
1: UMSEBENZI WEQEMBU
LENKATHA YENKULULEKO NJENGEQEMBU ELIPHIKISA NGOBUNTU
INgqungquthela:
Iqaphela ukuthi nanxa iQembu lihlehlele emuva
okhethweni lwalonyaka umlando usuwethwese iQembu LeNkatha YeNkululeko
umsebenzi omkhulu kakhulu wokuphikisa ngendlela eqotho neyakhayo ukwenza
i-ANC iziphendulele ukuqinisekisa ukusebenza kwentando yeningi nebonakala
iba buthaka
Ingqungquthela Inquma:
- Ukubizela
iQembu LeNkatha YeNkululeko ekufezeni umsebenzi omusha nomkhulu
ewuthunyiwe wokuphokophela ukuba ibe yiQembu elimele bonke abantu
baseNingizimu ne-Afrika;
- Ukugunyaza
iQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba lisukume libhekane nenselelo
yomsebenzi wayo omusha wokuba yiqembu eliphikisayo elihlanganisa konke
futhi elikholekayo elizohlinzeka izithiyo kanye nezilinganiso
ezidingwa yintando yeningi ephilayo;
- Ukukhuthaza
iQembu LeNkatha YeNkululeko ukukhuluma liphikisane nobuholi be-ANC nxa
benza amaphutha kanye nokuzwakalisa ukukhathazeka kwabalandeli be-ANC
ngoba okuyigugu kubo kuyigugu nakithi,
nokwenza njalo ngaphandle kokwesaba nokwenzelela;
- Ukudonsa
ngendlebe iQembu LeNkatha YeNKululeko ukuba likhumbule ukuthi ngisho
noma ngabe isimo siyalikhuthaza ukuba lisole ubuholi be-ANC ukuze ibe
nokuziphendulela, iQembu LeNkatha YeNkululeko kaliyiso isitha futhi
kalehlukile kubalandeli be-ANC naseningini labantu baseNingizimu
ne-Afrika;
- Ukusekela
ubuholi be-ANC uma budinga ukuba kushayelwe ihlombe nokubasola nxa
lingasazihloniphi izidingo nezifiso zabalandeli bayo kanye nabethu;
- Ukusekela
isiphakamiso someMengameli weQembu LeNkatha Yenkululeko ngesidingo
seNgqungquthela ezochaza iphinde ihlaziye umsebenzi ofanele ufezwe
ngamaqembu aphikisayo lapho kuyohlangana kuwo iqembu elibusayo kanye
namaqembu aphikisayo;
- Ukubizela
i-ANC ekubeni ivume futhi ihloniphe umsebenzi wokuphikisa njengento
edingekayo ukuze intando yeningi isebenze ngendlela efanele ne-ANC
ikwazi ukubusa ngendlela eyiyo;
- Ukweluleka
i-ANC ngokuthi kufanele yemukele ukuthi ukuze ikwazi ukulawula
ngendlela elungileyo kudingeka ukuphikisa okunamandla nokugxilisa
umqondo futhi kugcizelelwe ukuthi iqembu eliphikisayo namuhla lingaba
yiqembu elibusayo kusasa ngokwentando yeningi;
- Ukuxwayisa
ubuholi be-ANC ngokuthi bungazishayi indiva iziphakamiso kanye
nemibono ngezizathu zokuthi kaziveli kulabo abakhethwe eqenjini layo
elibusayo, noma ephalamende noma eqenjini eliphikisayo;
- Ukubizela
iPhalamende, kumbandakanye amalungu ephalamende kanye nayo i-ANC ukuba
abe nokuthile akwenzayo futhi athuthukise amandla nesibindi
nokuzethemba ukusola uMengameli nxa isidingo nokuqondisa uMengameli
emigomeni yakhe sikhona kunokuba kube yinhlanekela yalokho.
ISINQUMO
2:
INGOZI
ELENGELA UMBUSO WETHU WENTANDO YENINGI
INgqungquthela:
Iqaphela ngokukhathazeka ngemiphumela embusweni
wentando yeningi engahle idalwe yiningi elikhulu ngokweqisa elazuzwa
yiqembu elibusayo;
Inquma:
- Ukuzwakalisa
ukukhathazeka kwayo ngokuthi leliningi elikhulu ngalendlela
lingaholela ekusetshenzisweni kwamandla ngendlela engeyiyo liphinde
lizwakalise ukudabuka ukuthi leliningi elikhulu ngalendlela
lingumphumela wezizathu eziningi ezimbandakanye nomkhonyovu wokhetho
owawubonakala ezindaweni eziningi nokuthi abantu babevota
nasezindaweni ababengabhalisanga kuzo;
- Lizwakalisa
ukukhathazeka ukuthi iningi elingavamile ngalendlela liholela
ekwethuleni kwezinsizakalo okusezingeni eliphansi ngenxa yokwentuleka
kokuziphendulela kanye nokufakana kwezihlobo ezikhundleni, okufana
nokuqokwa kwezisebenzi zikahulumeni ezikhundleni eziphezulu
ngokukhetha abalandeli beqembu elithile ukuba bafakwe ezikhundleni;
- ukubophezela
iQembu LeNkatha YeNkululeko ekubeni lihlale njalo liqaphe izinqumo
kanye nemigomo ye-ANC, lenze nokuba i-ANC ihlale iziphendulela
kuzozonke izinqumo ezithathayo zokusebenzela izidingo eziseceleni
ezandisa amandla e-ANC;
- Iyakusola
ukunqwatshelwa kwamandla ndawonye njengoba kwenzeka manje
kunqwatshelwa wonke amandla emazingeni e-ANC;
- Ixwayisa
abantu baseNingizimu ne-Afrika ukuba bavikele iSakhiwo Sezwe
esesingasagxilisiwe futhi esingasewona umthetho ophakeme kakhulu
nongathinteki waseNingizimu ne-Afrika, njengoba i-ANC isikwazi
ukuwuguqula ngomathanda yize noma iningi labantu baseNingizimu
ne-Afrka bengakufuni lokho njengoba kwenzeka ngesikhathi somthetho
wokuchibela iSakhiwo ukuze abantu bakwazi ukugcogcoma nezihlalo
ababezifumene kwamanye amaQembu;
- Iyakusola
ukufiphazwa kanye nokubhidlika kwemingcele owehlukanisa phakathi
kweqembu lombusazwe kanye nombuso futhi iqembu elibusayo liyaqhubeka
nokusebenzisa umbuso njengesikhali esisezandleni ze-ANC;
- Iyakuqaphela
ukuntuleka kwenkululeko yePhalamende engakwazi ukukhombisa amandla
okuzimela ePhalamende futhi lingabi ngaphansi kwesigungu esibusayo;
- Ukuzwakalisa
ukudabuka ngokuntuleka kwamandla okuzimela kweZifundazwe njengoba
manje oNdunankulu beZifundazwe sebephendula kuMengameli ngqo
noseqinisekisa ukuthi zonke izifundazwe kufanele ziqhube ngokwamagunya
e-ANC;
- ukuhlaba
umkhosi kuwowonke amaqembu ezombusazwe ukuba emukele ukuthi intando
yethu yeningi kufanele ilondolozwe ngokuvuma ukuthi kunesidingo
esiphuthumayo sengxoxo-mpikiswano eqondene nesimo sezinto njengamanje
maqondana nokubusa ngentando yeningi,
ukuze intando yeningi ithuthuke futhi ibe nekusasa eliqhakazile
eNingizimu ne-Afrika.
ISINQUMO
3:
UBUNYE
Ingqungquthela ikukhumbula ukuthi iQembu LeNkatha
YeNkululeko lasungulwa ngo-1975 ngaphansi kwesimiso esiyisisekelo sobunye
bangaphakathi;
Iyakunaka futhi ukusho koMengameli weQembu LeNkatha
YeNkululeko ukuthi kunesidingo esiphuthumayo sobunye kuwowonke amazinga
kanye nezinhlaka zeQembu LeNkatha YeNkululeko ngenhloso yokufeza umsebenzi
kanye nomthwalo wethu omusha njengeqembu eliphikisa ngendlela eqotho
Sinquma:
- ukunxenxa
wonke amalunga eQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba anamathele ezimisweni
nasemigomeni yeSakhiwo seQembu LeNkatha YeNKululeko ehlonipha umehluko
phakathi kwemisebenzi yeziphathimandla kanye nokuqiniseka ukuthi
amalunga aphathwa ngendlela elinganayo ngaphandle kokuhlululwa;
- Ithuma
uMhlahlandlela ukuba uvuselele iKomidi Lokuxazulula Izigqinamba ukuze
lixazulule izingxabano zangaphakathi kwakhiwe nemihlangano yokuqeqesha
okuzokhuthaza ukugcinwa kwemithetho yeQembu ibuye futhi isungule
Negula Lokucabanga eliyokwakha amasu okuthuthukisa ubunye;
- Ukukhuthaza
impilo yeQembu ezoncika eSakhiweni seQembu LeNkatha YeNkululeko lokhu
kumbandakanye nokuxhumana okuvamile phakathi kwamaziko, iziyingi,
namanye amazinga eQembu;
- Ukukhuthaza
ubuholi beQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba balalele amalunga
asemazingeni aphansi nokuphendula kulezozinto ezibakhathazayo
ngesikhathi bebuyiselwe eceleni nokuchitha abaholi abaphaziphakamisayo
nabadakwa ngamandla;
- Ukuthuma
iQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba ligqugquzele izinhlelo zokuzisiza,
imidlalo, imfundo, ezokuhlalisana kahle nezinye njalo njalo,
ngesikhathi likhuthaza amasiko ehlukene eQenjini nokubekezelelana
phakathi kwabanobuzwe obehlukene;
- Ibize
zonke izinhlaka zeqembu kanye nabaholi kanye nabalandeli, ukuba
bangaphindi bazigaxe ekugqubuzaneni kwamaviyo okuyinto edala
ukwehlukana iphinde idale ukungavumelani kwangaphakathi, yikuxazulula
noma yimuphi umbango ngokuthuthukisa indlela yentando yeningi
ezinkethweni zangaphakathi njengoba kwenzekile kuleNgqungquthela;
- Ukuba
iQembu lethu liguqule indlela elenza ngayo izinto ukuze libe nombono
ohlangeneyo, lizinikele futhi lizimisele ngokuphumelela;
- Ukusho
ukuthi yilelo nalelolungu elisezinhleni zeQembu LeNkatha YeNkululeko
lineqhaza okufanele lilibambe ukuze sifumane leloqhaza
esililangazelelayo;
- Ukuqinisa
ubunye ngobungani kulempi esizohlangabezana nayo yokhetho lohulumeni
basekhaya oluzayo;
- Ukuthuma
wonke amalungu eQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba emukele ukuthi ubunye
kufanele kube yiwona mfutho osiqhubela phambili ngesikhathi
sikhankasela ukhetho njengoba silwela ukunqoba.
ISINQUMO
4:
UKUHLUMELELISA KANYE
NOKWAKHA KABUSHA IQEMBU
INgqungquthela:
iKwemukela ukuthi sithunywe ngabalandeli bethu
ukuba siphinde silinganise izenzo zethu maqondana nazozonke izimo zempilo
yeQembu LeNkatha YeNkululeko.
Inquma:
- Ukuhalalisela
iphinde income uMengameli weQembu LeNkatha YenKululeko ngokuthatha
izinyathelo zokuqala ukuthuthukisa kanye nokuhola ekuhleleni kanye
nasekuvuselelweni kabusha kweQembu maqondana nokusho kwakhe ukuthi
kayesabi inguquko kepha yinye kuphela into okufanele siyesabe
yikwesaba uqobo lwakho;
- Ukusemukela
isimemezelo kanye nesibonelo soMengameli weQembu LeNkatha YeNkululeko
ngokuba agqugquzele zonke izinhlaka zeQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba
zingayesabi inguguko;
- Ukuqinisa
nokwemukela izichibelo zeSakhiwo seQembu LeNkatha YeNKululeko
eziphakanyiswe nguMhlahlandlela ukuba kusungulwe isikhundla
sikaNobhala-Jikele kanye nesekela lakhe abakhethwayo esikhundleni
sikaNobhala-Jikelele Wokuphatha;
- Ukushayela
ihlombe uMengameli weQembu LeNkatha YeNkululeko ngendlela ahola ngayo
uguquko kanye nokuvuselela kabusha;
- Ukugunyaza
uMengameli ukuba aqhubeke nomkhankaso wenguquko nokwakha isiqiniseko
sokuthi leNgqungquthela isiyiqalo kunokuba ibe yisiphetho
salologuquko;
- Ukuqinisa
nokuvumela isichibelo seSakhiwo seQembu LeNkatha YeNkululeko sokuhlela
kabusha uMhlahlandlela weQembu lokhu okuyoqinisekisa ukuthi loMkhandlu
wokulawula weQembu lethu umele abalandeli abasemazingeni oquqaba futhi
uxhumene nabantu abasemazingeni oquqaba;
- Ukwesekela
izinguquko eziphakanyisiwe zokwenza uMhlahlandlela ukuba ube mncane
ukuze kusheshe futhi kudidiyelwe kangcono ukuthathwa kwezinqumo;
- Ukuthuma
iQembu ukuba ligcine umonya wobunye waleNgqungquthela kanye negagasi
lokuvuselela kanye nokwakha kabusha;
- Ukuthuma
amalungu ethu ukuba asebenze ngendlela enokubonelelana futhi
enenhlonipho nokuba aqiniseke ukuthi uhlelo lwethu lokuvuselela
kabusha luthuthukisa ukuzithiba nokuzihlonipha okukhulu
kwangaphakathi;
- Ukuthuma
iQembu ukuba libambe imihlangano ngezikhathi ezimisiwe kuwowonke
amazinga kusukela emazikweni kuze kuyofika eMhlahlandleleni,
nokuqiniseka ukuthi kukhona ukusebenzisana okusezingeni eliphezulu
phakathi koMhlahlandlela kanye namalungu, kanye nalabo abasimele
ePhalemende, eMikhandlwini yeZifundazwe eShayumthetho nasemazingeni
oquqaba ukukhulisa umqondo wokuxoxisa ‘ubuso nobuso nabavoti’;
- Ukuthuma
iQembu ukuba libambe imihlangano yeNgqungquthela kwezinye izifundazwe
ukwenabisa uthando lweQembu ezweni lonke.
ISINQUMO
5:
UKUTHUTHUKISWA
KOBUHOLI KANYE NOKUFINYELELA KWEQEMBU KUBANTU
Nggqunguthela:
iKwemukela ukuthi ukuze iQembu LeNkatha YeNkululuko
likwazi ukusingatha ngokugcwele umsebenzi omusha eliwunikwa ngumlando
wokuba yiqembu eliphikisayo ngokwakhayo, kuphoqekile ukuba
ukuthuthuka kobuholi nokufinyelela kweQembu kubantu kube yingxenye
yenguquko enhle,
Inquma ukuba:
- Umsebenzi
wobuholi siphinde siwubuyekeze kabusha siwuthathe ngokuzimisela
eQenjini LeNkatha LeNkululeko maqondana nezingqinamba ezinqala
esibhekene nazo esikhathini samanje;
- Ukuhlanganisa
ukufinyelela ngombono nobuholi obudlondlobele kabusoze baba nancazelo
ngaphandle kokukhombisa ngokucacile ukukhathazeka okuyiqiniso nozwelo
ekuphathekeni komuntu emazingeni aphansi;
- Indawo
yobuholi nentuthuko idinga ukuba iqinisiwe ukuze kunikwe amandla futhi
kuqeqeshwe bonke abaholi beQembu LeNkatha YeNkululeko;
- Kuthunywe
isizukulwane sentsha samanje sithwale ijoka lokulethwa komjikelezo
wokuthula futhi sazi ukuthi siyophumelela nxa sinikwa amandla kanye
namakhono adingekayo ukuba kufezwe umsebenzi emazingeni oquqaba;
- Ukukhuthaza
abaholi be-IFP ukuba babe yiziko eliphethe umlayezo womsebenzi wethu
omusha esiwuthunyiweyo libuse ezindimbaneni zabantu, ukwethulwa kodaba
lwethu njengoba besenza esikhathini eside esedlule;
- Ukubiza
abaholi beQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba baveze amakhono amakhulu
kakhulu obuholi kukhokonke esikwaziyo nesikwenzayo singashiyi lutho
ekuzuzeni abantu;
- Ukwenza
iQembu LeNkatha YeNkululeo ikhethwe nguwowonke umuntu nakuzozonke
izifundazwe zaseNingizimu ne-Afrika;
- Ukuthuma
iQembu ukuba liqeqeshe kakhulu abaholi ukuze babe yizisebenzi ezinhle
zeQembu nokuqiniseka ukuthi amandla ombusazwe wokuphikisa akhuliswa
kakhulu;
- Ukuthuma
uMhlahlandlela ukuba uxhumanise kabanzi izinzululwazi zeQembu LeNkatha
YeNkululeko ngombono kanye nezinto ezisungulwayo futhi kuvunyelwe
ukuba konke lokhu kusukele emazingeni aphansi oquqaba kukhuphukele
emazingeni aphezulu;
- Ukuthuma
uquqaba ukuba lumeme abaholi beQembu LeNkatha YenKululeko kanye
neziphathimandla ukuze zazise ngezinkundla lapho ziyokwethula khona
ezombusazwe wokuphikisa;
- Ukukhuthaza
iQembu LeNktha YeNkuluIeko ukuba lithume abaholi abasuka ezindaweni
ezifanele nokuthi labobaholi kufanele basize leyo miphakathi njalo,
bavakashele abantu futhi babambe neqhaza emisebenzini yabo;
- Ukuthuma
zonke izinhlaka zeQembu ukuqinisa ukuxhumana nabezindaba nokufuna
ukusakazelwa izindaba okuhle nokumqoka uma kwenzeka, onobhala
abangabasakazi bezindaba ukuqiniseka ukuthi imisebenzi iyenziwa
nasemazingeni aphansi ngaphandle kokuvinjelwa yiziNhloko zamaHhovisi;
- Ukuthuma
iQembu ukuba landise ukuziphendulela ngokombusazwe kusuka ebuholini
obuphezulu kuya emazingeni oquqaba, kuxoshwe abaholi abangasebenzi
noma abangenalwazi, ngesikhathi esifanayo kugxiliswe imfundiso
yokusebenzisana, eyokuhloniphana kanye nobuqotho eQenjini;
- Ukuthuma
iQembu ukuba lidthuthukise njalo umsebenzi wokwethekela izimali ukuze
lokhu kungabi ngumsebenzi owenziwa yinhloko yehhovisi nobuholi
obuphezulu kuphela, kepha kufanele kugunyazwe kusukela emazikweni kuya
eziyingini ukuze kugqugquzelwe imisebenzi eyenziwa kuleyondawo;
- Ukubiza
iQembu ukuba libe nesisekelo solwazi namakhono abantu okungafinyelelwa
kuwo nxa kukhona abaqashi noma kusetshenziswe yiQembu ngenhloso
yobuholi;
- Ukwenza
iQembu LeNkatha YeNkululeko libe yiqembu elikhethwa yintsha.
ISINQUMO
6:
UKUKHULA
KOMNOTHO NOKUDALEKA KWAMATHUBA EMISEBENZI
INgqungquthela:
Iqaphela
ukuthi nxa iNingizimu ne-Afrika iqhubeka ngendlela enyonyobayo yokukhula
komnotho kuzophinde kulahleke esinye isigidi semisebenzi eminyakeni
emihlanu ezayo;
Ikhumbula
ukuthi ukukhula komnotho kudinga ukuba kunwetshe okungenani ngamaphesenti
ayi-6 ekhulwini lokhu okuyisivivini esemukelekayo nakwezinye izimakethe
ezisathuthuka, ukuze kunqanyulwe amaketanga obubha obukhulu;
Iphinda
izwakalisa ukukhathazeka kwayo ngokuthi njengamanje ukunikwa kwabampisholo
amandla kwezomnotho kudala ukusizakala kwedlanzana labakhethiweyo kuphela;
Ngalokhu
INgqungquthela
inquma:
- Ukugunyaza
iQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba ligcwalise isikhala emgomeni
kahulumeni ngolwethu uHlelo Olusha lweNtuthuko yeMpela oluyophendula
izingqinamba eziphambili emgomeni wokuthuthukisa umnotho kanye
nokwakhiwa kwemisebenzi, ukulwa nengculaza kanye nesandulela sayo,
ubelelesi, inkohlakalo kanye nobubha;
- Ukugqugquzela
ukuba kuthengiswe amabhizinisi ombuso kubantu abazimeleyo,
okumbandakanye nokudayiswa kwemithombo eyizinsizakalo zomphakathi
ngokushesha ukudlulisela wonke amabhizinisi angaphansi
kukahulumeni kubantu abazimeleyo;
- Ukugqugquzela
uhulumeni ukuba enze umnotho waseNingizimu ne-Afrika ukwazi
ukuncintisana ngokunciphisa umthwalo wentela uze ufinyelele emazingeni
acoshakala emhlabeni wonke kanye nokugudluza ngokwehlisa amandla emali
nomthwalo wentela kuze kufinyelelee emazingeni amazwe omhlaba kanye
nokulahlekwa okudalwa yimigodo edalwa yilesisimo;
- Ukugcizelela
ukuba ukunikwa kwabamnyama amandla kwezomnotho (BEE) kwenzeke
ngendlela esobala futhi kwandiswe isisekelo sakho;
- Ukukhuthaza
uhulumeni ukuba
amakethe iNingizimu ne-Afrika njengezwe elikhiqiza ukudla okusezingeni
eliphezulu emazweni omhlaba kanye nokugqugquzela uguquko lokukhiqhizwa
kohlaza;
- Ukugqugquzela
uhulumeni ukuba athuthukise intuthuko yokulima okuphumelelayo,
ngokuhlinzeka abantu
ngogandaganda omanyolo nalapho bengakwazi khona ukufumna usizo
lokuqhuba lomsebenzi kanye nokubahlinzeka ngabalimisi abangalekelela
umphakathi ukulima.
- Nokuba
uhulumeni ahlinzeke ngosizo abezimboni ezincane neziphakathi nendawo
lokuba bakwazi ukufumana izinkece zokuqala amabhizinisi, nokuthi
uhulumeni asebenzisane nezizinda ezincance zokubolekisa ngemali
nokuthi aphinde ahlele iSikhwama Sentsha soMsobomvu, ukulekelela ukuba
kwakhiwe izinhlelo zokuqinisa indlela yokubolekiswa ngezinkece ukuze
abantu baqeqeshelwe amakhono kanye nokuwedlulisela phambili
lawomakhono;
- Nokutshena
uhulumeni ukuthi kufanele ahlele kabusha isikhwama seNtsha soMsobomvu
ukwelekelela ukuba kumiswe izinhlelo eziqinesiqiniseko zokuthuthukisa
intsha futhi lokhu kwenziwe kuxhumane nentsha yawowonke amaqembu;
- Ukugqugquzela
iQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba lisungule amahhovisi okwazisa
ukulekelela abantu ukuba bakwazi ukufinyelela emalini yokusungula
amabhizinisi kanye nokukwazi ukudweba izinhlelo zamabhizinisi,
ngesikhathi esifanayo kube kunxenxwa uhulumeni ukuba enze ulwazi kube
yinto elula ukuyifumana.
- Ukugqugquzela
uhulumeni ukuba enze amathuba okuba abantu bakwazi ukufaka izicelo
zemisebenzi yomphakathi (tender opportunities) kubelula futhi kunike
ithuba elilinganayo kuwowonke umuntu ngesikhathi esifanayo lokhu
kuhambisane nobungako benkece futhi okungaphinde kulekelele
osomabhizinisi abancance nabaphakathi nendawo.
- Ukugqugquzela
uhulumeni ukuba athuthukise isu lokuthuthukisa umnotho lokhu
okusekeleke kulowomcebo wemvelo leso naleso Sifundazwe esinawo,
izidingo eziqondile zomphakathi zomnotho, isimo sezulu, ukuma
kwenhlabathi lokhu kuhambelane nomqondo wokuthi leso naleso sifundazwe
sehlukile kwesinye, nokuthi futhi sinenkomba Eyehlukileyo
Yokuthuthukiswa Kwabantu (Human Development Index).
- Ukugqugquzela
uhulumeni ukuba aluthathele phezulu futhi alusebenze udaba labantu
abangena kulelizwe ngokungekho emthethweni ukuze agweme ukuba lelizwe
lilahlekelwe yifa lalo elilingene ngokuthathwa yilababantu abangena
kuleli ngokungemthetho;.
- Ukugqugquzela
uhulumeni ukuba anxenxe osomabhizinisi bakwamanye amazwe abaphuma
kulelizwe ngesikhathi somkhankaso wonswinyo lwalelizwe ngenxa
yobandlululo
- Ukugqugquzela
uhulumeni ukuba axhumanise ukuqeqeshwa kuhambisane namathuba
emisebenzi kanye nokugqugquzela ukwakhiia kwezindawo zokuthuthukiswa
kwamakhono;
- Ukugqugquzela
izwe ukuba likhombe, lethule liphinde libungaze abantu baseNingizimu
ne-Afrika abamhlophe nabampisholo asebekwazile ukuphumelela
njengosomabhizinisi liphinde libenze ‘amaqhawe omzabalazo omusha’
weminyaka eyishumi yesibili yentando yeningi;
ISINQUMO
7:
UKULWA
NOBUGEBENGU
INgqungquthela:
Ikuvuma ukuthi ubelelesi buvame ukubhebhezelwa
ngamazinga aphezulu okungaqashwa kanye nobuphofu obucindezelayo kanye
nokungalingani ngokwamathuba namazinga;
Ingqungquthela iyakuqaphela nokuthi iNingizimu
ne-Afrka ikleliswe njengelinye lamazwe anendluzula esezingeni eliphezulu
emhlabeni ikakhulukazi lawo athatheka njengamazwe angekho empini, kanye
nokuthi amajele ezweni lakithi akleliswa njengamajele agcwele ngokweqisa
emhlabeni navame ukubizwa ngokuthi angama ‘nyunivesithi obugebengu’
iNgqungquthela inquma:
- Ukugqugquzela
uhulumeni ukuba ahlinzeke ngamaphoyisa aqeqeshwe kangcono, akhokhelwa
kangcono, nalawulwa kangcono, nanempahla yokusebenza engcono;
- Ukunxenxa
ukuba kube nokuhlelwa ngendlela elinganayo komsebenzi wamaphoyisa
kanye nezimali ezweni lonke kanye naphakathi kwezindawo
zasemadolobheni nezindawo zasemakhaya kanye naphakathi kwezindawo
ezihlala abacebile kanjalo nalabo abampofu;
- Ukugqugquzela
yonke imiphakathi ukuba yesekele futhi isize amaphoyisa ngokubamba
iqhaza ezinhlanganweni zokuvimbela ubelelesi kanye nokuqapha
emphakathini;
- Ukugqugquzela
umnyango ohlongozwayo weZemidlalo ukuba wakhiwe eSifundazweni
SaKwaZulu Natal ukuqiniseka ukuthi yonke intsha iyalufumana usizo
olwakhayo lwezemidlalo kanye nokungcebeleka ukuze lokhu kube yinto
engcono intsha engaguqukela kuyo kunobugebengu;
- Ukugqugquzela
izinhlelo ezinkulu neziningi zokufundisa umphakathi ukuba zifakwe
ezikoleni, emiphakathini, kanye nasezindaweni zokusebenza ukuze
kubunjwe izakhamizi eziphilayo zezwe lakithi;
- Ukuthuma
omasipala abalawulwa yiQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba bandise
umsebenzi wezinkundla zamaphoyisa emphakathini;
- Ukugqugquzela
omasipala ukuba bahlele kabusha usizo abaluletha emphakathini,
ukubunjwa kabusha kwezingane ezihlala ezitaladini ukuze kunqanyulwe
isongo lubelelesi kusukela ezigxabeni zabo;
- Ukuba
kukhuthazwe ukwakhiwa kwezinhlelo zokuvimbela ukusetshenziswa
kwezidakamizwa ezikoleni kanye nasezinhlanganweni zentsha
njengokufundisa ukungazisebenzisi izidakamizwa;
- Ukugqugquzela
uhlelo lokuqondisa izigwegwe ukuba luguqulwe ukuze lunikeze izigwebo
ezigqugquzela uhlelo lobulungiswa oluhlumelelisa izimilo kanye
nobulungiswa kulabo abephule umthetho nabenze amacala amancane;
ISINQUMO
8:
INKOHLAKALO
Ingqungquthela:
Ikuqaphela ukuthi inkohlakalo isigxile kakhulu
empilweni yomphakathi waseNingizimu ne-Afrika nokuthi iningi labaholi
beqembu elibusayo lifumaneka ligaxele ezenzweni ezingamahlazo, elidume
kabi nje yilelo lokuthengiswa kwezikhathi nezigidigidi, nokho umuntu ubona
befumana ukuphathwa ngezandla ezinokubonelela yi-ANC, lokhu okudlulisa
umlayezo emphakathini wokuthi uhulumeni akanaso isandla esiqinile kulabo
abenza izenzo zenkohlakalo kepha uzenza umuntu onesandla esiqinile
ezizathwini zenkohlakalo.
iNgqungquthela Ithi:
- Uhulumeni
kufanele abeke eqhulwini amasu okulwa nenkohlakalo ikakhulukazi kuleyominyango
yombuso egebele kakhulu enkohlakalweni;
- Uhulumeni
kanye nombono womphakathi ngendlela efanayo kufanele bakwemukele
ukuthi noma yikuphi lapho kunokuntuleka khona kwemigomo
yokusetshenziswa kwezinkece ngomsebenzi owenziwe kuvamile ukuba
inkohlakalo ifumane indawo yokwakhela, njengasesimeni sezindlu
ezakhiwa ngaphansi kohlelo lwe – RDP nazo ezakhiwa ngenani
eliphezulu ngendlela esabekayo;
- iyexwayisa
ngokuthi ukugcogcoma nezihlalo ilungu elisuke lizifumane ngaphansi
kwelinye iQembu kudala usiko lwenkohlakalo njengoba kuklomelisa
amambuka ngemali yokugwazela, izikhundla kanye nolunye usizo kulowo
kuphela owenza lokho;
- iqhaza
elibanjwa yilabo abacwaninga amabhuku ezimali abaqhamuka ngaphandle
nabangaphakathi ukuba baqaphe kakhulu izindawo lapho inkohlakalo ivame
ukuba yenzeke khona;
- kufanele
kukhuliswe amandla ophiko lwabacwaningi mabhuku ezimali
abasemthethweni abaqhamuka ehhovisi Lomcwaningi Mabhuku Ezimali
oMkhulu;
- ukuba
abantu bafundiswe nokuthi kufanele bazi ukuthi inkohlakalo intshontsha
kulabo abampofu kunabobonke abampofu;
- abaholu
beQembu LeNkatha YeNkululeko kufanele baqaphe baphinde babike
ngenkohlakalo esemahhovisi okuphatha aholwa yiQembu LeNkatha LeNkatha;
- noma
yimuphi umholi weQembu LeNkatha YeNkululeko osazigaxa ezenzweni
zenkohlakalo kufanele esule khona manje.
ISINQUMO
9:
UBUBHA
INgqungquthela:
Ikuqaphela ukuthi ukukhulula abantu bakithi
ebuphofini obukhulu izigidi zabantu baseNingizimu ne-Afrika ezizifumana
zikubo kakusiyo nje into enyanzelayo ngokobuntu, kepha kuyinto emqoka
ekunethezekeni kwesizwe kwesikhathi eside esizayo;
Nangokuchaza kweBhange Lomhlaba lapho lithi
“ezikhathini eziningi ubuphofu yisimo abantu abafisayo ukuphunyuka
kuso’,okumbandakanye indlala, yikuntuleka kwendawo yokufihla ikhanda,
ukuntula ukunakekelwa ngokwamakhambi, ukuntula imfundo kanye nokuntula
umsebenzi;
INgqungquthela Igqugquzela ukuba:
- Uhulumeni
abhekane nobuphofu ngohlelo lwentuthuko yempela, kunokuba akwenze
lokhu ngeziqubulo ezingasho lutho kanye nezethembiso ezingenalutho
zemigomo emidala kahulumeni
- Ukuba
iQembu LeNkatha YeNkululeko lisungule liphinde liqinise uPhiko lwawo
LweNtuthuko ukuze lelekelele amalungu ethu kanye nemiphakathi yethu
ngamasu entuthuko kanye nendlela yokuyisungula;
- Amaziko
eQembu LeNkatha YeNkululeko abe yizinjini zentuthuko ukuze akhombe
aphinde ehlukanise imisebenzi ngokwemiphakathi ngokwehlukana
kwemiphakathi kanye nezidingo zayo kanye namakhono;
- Amaziko
eQembu LeNkatha YeNkululeko abe yinqola okuhamba ngayo izinhlelo
zokunciphisa ububha nokuthi zethulwe ngawo, kusukela ekuthuthukisweni
ukuqeqeshelwa amakhono, ukugcinwa kwezinkece, ukudayiswa komkhiqizo
kanye nokwabiwa kwesivuno;
- Uhulumeni
abeke eqhulwini ukugaxwa kohlelo lokuphepha kokudla kanye nesu
lokukhiqiza lokhokudla;
- ‘isivumelwano
esisha’ kulabobantu abahlala ezindaweni zasemakhaya ukuqinisekisa
ukuthi umhlaba usetshenziswa ngokugcwele kwezolimo ngokubanikeza
amathuluzi okulima afana nogandaganda nje;
- Amandla
okwethula omasipala kufanele aqiniswe futhi bafumane ukwesekwa
okufanele nolwazi lokwenza ngcono izinhlelo zabo zentuthuko
ezididiyelwe;
- Ukuhlinzekela
ngokuqeqesha nokunikeza usizo kubantu abantulayo ezindaweni
zasemakhaya kanye nezasemadolobheni ukuze basungule izinhlangano
zohwebo zokubambisana;
- kusungulwe
iketanga lomjikelezo wangaphakathi wentuthuko yomphakathi ngosizo
lwemisebenzi ekhiqizayo, izimakethe zendawo kanye nezinhlelo
zikahulumeni ezisebenzayo ezizohlinzeka ngezinto zokukhuthaza ukuze
kukhonjwe amathuba okutshalwa kwezimali ezivela kwamanye amazwe
nakhona lapha ngaphakathi.
ISINQUMO
10:
INGCULAZA
NESANDULELA SAYO
Ingqungquthela:
Ikuqaphela
ukuthi ingculaza nesandulela sayo
isibhuqabhuqe umphakathi wakithi, ibhidliza imindeni kanye nemiphakathi, futhi
isasele iyiyona nselelo enkulu kunazozonke emigomeni womphakathi oyinselelo
esikhathini sethu:
Inquma:
·
Ukushayela
ihlombe uMntwana uMangosuthu Buthelezi ngobuholi asebunikezile odabeni
lwengculaza nesandulela sayo okuyinto esimfake ezindlekweni ezinkulu eziqondene
naye siqu;
·
Ukuunxusa
bonke abantu baseNingizimu ne-Afrika ukuba balingise isibonelo soMntwana
uMangosuthu Buthelezi sokuba aqede ukukhishwa inyumbazana kwalabo abanegciwane
lengculaza kanye nomqondo wokwehlukanisa phakathi ‘kwabo’ ‘nathi’;
·
Ukunxusa
uhulumeni ukuba asheshise uhlelo oluzonabisa ukukhishwa kwemishanguzo
eyi-Anti-Retroviral kanye nezikhungo zokuhlola kuzozonke izindawo zempilo,
ezimbonini ezinkulu, emitholampilo kanye nasezikhungweni zemfundo ephakeme;
·
Ukugqugquzela
ukuba kufundiswe ukuze kuliwe nalenhlekelele lokhu kusekeleke phezu kwazozonke
izinto umuntu angahle akhethe phakathi kwazo kumbandakanye nokuzithiba,
ukwethembeka kanye-ke nokusebenzisa amakhondomu;
·
Ukunxusa
uhulumeni ukuba alethe zonke izidingo ezibonakalayo zokusiza izingane
eseziphenduke izintandane ngenxa yengculaza kanye nemindeni esiphethwe yizingane
kanye nezinye nje izingane kugqugquzelwe ukukhuselwa kwezingane ngabantu
abangazizali, ukutholwa kwezingane, kanye namahostela anababheki asebebadala.
ISINQUMO
11:
UKHETHO
LOHULUMENI BASEKHAYA
INgqungquthela:
Iqaphela ukuthi iQembu LeNkatha Yenkululeko
kufanele linqobe ngendlela ebonakalayo okhethweni lohulumeni basemakhaya oluzayo
nxa ifuna ukubuyisa amandla ayo ngo-2009 nokuthi i-ANC izozimisela ukuba
lesiSifundazwe ingabe isasidedela ekulawulweni yiyo, kanye nokuthi izofaka
izinkece ezingakaze zibonwe Iphinde ithumele abaholi bayo abanohlonze ukuze
kuphumelele lenxoso yayo.
Sizwakalisa igunya futhi sithuma;
- IQembu
leNkatha YeNkululeko ukuba lazi ukuthi umkhankaso wokhetho lohulumeni
basekhaya luka-2005 usuqalile;
- Amakhansela
eQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba azi ukuthi sesifikile isikhathi sokuba
aziphendulele emihlanganweni yonyaka yamaziko kulonyaka ngenhloso yokukhipha
ohlwini luka 2005 lawo makhansela angasebenzanga kahle;
- Amakhansela
azi ukuthi koMasipala abaholwa yiQembu LeNkatha YeNkululeko kufanele azame
ngawowonke amandla awo ukusebenzisa incwadi yentuthuko eyakhishwa yiQembu
ngonyaka ka-2000;
- Omasipala
abaholwa yiQemabu LeNkatha YeNkululeko ukuba bathuthukise izinhlelo ezinhle
zokwethula kulezizingqinamba ezinhlanu, ingculaza, ubugebengu, ukuntuleka
kwamathuba emisebenzi, ukukhuliswa komnotho kanye nokulwa nobubha
nenkohlakalo;
- Omasipala abaholwa yiQembu LeNkatha YeNkululeko ukuthi
kufanele babambisane ukuhlinzeka ukwethulwa kwezinkonzo kusosonke
isifundazwe sethu.
ISINQUMO
12:
UBUHOLI
BOMNTWANA UMANGOSUTHU BUTHELEZI
INgqungquthela:
Iqaphela ukuthi uMengameli weQembu LeNkatha
YeNkululeko uMntwana uMangosuthu Buthelezi uhlinzeke ngobuholi bezinga
eliphezulu obungaguqukiyo, obugxilile, nobunobulungiswa nombono
obungeqhatshaniswe eNingizimu ne-Afrika.
Sishayela
Umntwana Mangosuthu Buthelezi ihlombe ngokukhuthazeka kwakhe ngokuba iQembu
livuselelwe kabusha.
Amagunya:
IQembu likhuthaza umkhankaso wokwenza kabusha kanye
nokuvuselela koMengameli weQembu LeNkatha YeNkululeko, siphinda;
·
Sizwakalisa
ukuthokoza kwethu okukhulu nokubethemba ubuholi boMntwana uMangosuthu Butheelzi
·
Sifisela
uMntwana Mangosuthu Buthelezi izilokotho zempilo ende nenentokozo.
·
Sizwakalise
ukudabuka ngendlela engenanhlonipho uMntwana uMangosuthu Buthelezi aphathwa kabi
ngayo nguMengameli Mbeki
·
Sinxuse
iNingizimu ne-Afrika ukuba yemukele iqhaza elikhulu lobuholi obehlinzekwe
nguMntwana uMangosuthu Bethelezi eminyakeni eyishumi ekuhulumeni wobumbano
ikakhulukazi maqondana nezingqinamba ezifana nengculaza, ukuveza amathuba
emisebenzi, ukunciphisa ububha kanye nokukhululiswa umnotho;
·
Sexwayisa
labo ababeka imibono ukuba bapheze ukuzikhathaza ukuthi ngubani ozolandela
uButhelezi ngoba kucisho kube liqiso ukuthi akekho omunye ozokwazi ukuhola lokhu
kuphikisa okuqotho nobunobulungiswa.
|