|
IZINQUMO
ISINQUMO 1
UMBUTHO
WENTSHA WEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO LITHUNGATHA IMFUNDO YEZINGA
ELIPHEZULU KUBOBONKE
INgqunguthela:
1.
IYAZIVUMA izinselelo ezinkulu ezibhekene noMnyango
Wemfundo kazwelonke neziphathimandla zemfundo eZifundazweni;
2.
KUYAYIDABUKISA ukuthi abafundi bethu abaningi
bafumana imfundo yezinga eliphansi e-primary nase-secondary nokuthi
lokhu kunomphumela wokulikhinyabeza ikusasa lemfundo yabo yezinga
elilandela i-high school namathemba abo okuqashwa;
3.
IYAKUSHO ukuthi uma lesisimo singaguquki, ukushiywa
ngaphandle kwabampofu – ikakhulukazi abampofu basezindaweni
zasemakhaya – kuzoqhubeka, futhi kube nemiphumela edabukisayo
neyesikhathi eside esizayo;
4.
IKHOLWA ngukuthi kulezizimo, intsha yaseNingizimu
ne-Afrika, iningi layo eyingxenye yabampofu kunabobonke abampofu,
kufanele yemukele ukuzisiza nokuzethemba nokuba izilungiselele
ubuholi ukuze ikwazi ukufaka umoya ukuthathwa kwezinqumo ezithinta
impilo yabo;
5.
IYALISOLA igebe elikhulu “lezinga” eliphakathi
kwezikole zasemadolobheni nezasemakhaya, iningi lazo elehlulekayo
ukwethula izidingo;
6.
ISIKHOMBA NGOKUCACILEYO isidingo sezinga elikhulu
lokuphendula nokusebenza ngezinga elingcono ohlelweni lwethu
lwezikole;
7.
IYAYESEKA inhlabamkhosi yokuba kube nokuhlolwa
nokulinganiswa kabusha kohlelo lwethu lokufundisa nokuvivisa;
8.
IYAKUCHITHA lokhu okubonakala kungukubhidlika
kweningi lama-SETA futhi ikholwa ngukuthi kufanele libukezwe
ngokushesha iqhaza lawo;
9.
ICELA uhulumeni ukuba akhuthaze amabhizinisi
azimeleyo ukuba azimbandekanye kakhulu nokuvivisela amakhono
okusemthethweni nokunokufakazelwa;
10.
IGCIZELELA isidingo esibucayi sokuba uhlelo lwethu
lwemfundo lukhiqize abantu abanokuqashwa abazobhekana nezidingo
zesizwe maqondana namakhono;
11.
IYAQHUBEKA IYAKUVUMA ukuthi ukuzimbandakanye
ngendlela eyakhayo kwabazali nabaphathi bezingane emakhaya ethu
nasezindaweni zokufunda kumqoka ekukhiqizeni abafundi abaphumelelayo
nezindawo zemfundo ezichumayo naphezu kwezimo ezingenawo amathuba
eneleyo.
ISINQUMO 2
INTSHA
YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IBASHAYELA INDESHENI OTHISHA ABASEBENZA
NGOKUZIKHANDLA NABAFUNA UKUBA KUBE NOKUZIPHATHA NGOKUZIQOQA
NENHLONIPHO
INgqungquthela:
1.
IYAYEMUKELA futhi iyishayela ihlombe iminikelo
emikhulu eyenziwe ngothisha abaningi ekufezeni imiphumela
encomekayo ezimeni ezivamise ukubanzima, lapho kuvunywa khona ukuthi
ingxenye enkulu yezinga lentshisekelo liphansi;
2.
IYAZESEKA izinyathelo ezincoma ukuba labothisha
abenza umsebenzi oncomekayo bafumane amabhonasi nezinye izindlela
zokubakhuthaza ezihambisana nezinga lokuphumelela kwabafundi
nelihambisana nezindawo ezivuna isimo sokufunda ababeneqhaza
ekuzidaleni;
3.
IYABASOLA othisha ababeka izidingo zabo ngaphambi
kwezomsebenzi abazikhethele wona njengabawubizelweyo;
4.
IFUNA ukuba kube nokuhlolwa nokulinganiswa
okuqinileyo nokwenzelwa obala kwabobonke abafundisi kuyoyonke
iminyango ukuqiniseka ukuthi othisha abehlulekayo nabasebenzi
abaqaphela inqubo ngaphezu komsebenzi, kabaqhubeki nokudala
ukwehluleka kubafundi;
5.
ICELA ukuba iziphathimandla zemfundo nezinyonyana
zezisebenzi ukuba baphenyisise futhi babhekane ngendlela esobala
nokukhula kwesibalo ngendlela ethusayo kwemibiko evele ezweni lonke
yokuhlukunyezwa kwabafundi ngokocansi okwenziwa ngabafundisi;
imibiko yothisha abaqhubeka nokufika sekwdlule isikhathi; imibiko
yothisha abafika bedakiwe kanye nemibiko yothisha abadicilela phansi
izindlu zokufundela bazihambele izikhathi ezinde;
6.
INXUSA iziphathimandla zemfundo, abazali nabaphathi
ukuba bagcizelele ekuphatheni okunokuziqoqa nenhlopho kubafundsi
nabafundi ngazozonke izikhathi nokuba bonke abathintekayo benziwe
bakuqonde ngokucacileyo ukuthi ukweyisa, ubuvila nokuvukela
abaphetheyo ngeke kunyamezelelwe;
7.
INXUSA ukuthi noma ngabe aguge kangakanani
amalungiselelo ezikole ezindaweni ezithile, intsha yeQembu LeNkatha
Yenkululeko kufanele ibambe iqhaza lobuholi ekugxiliseni ukuzigqaja
nokuhlonipha indawo lapho kufundiswa nalapho kufundwa khona, nokuthi
kufanele benze yonke into enokwenziwa ukukhuthaza ukuba imiphakathi
yezikole nje jikelele ikuqede ukufuhluza nokuba igcine izindlu
zokufundela nazozonke ezinye izindawo zihlanzekile futhi zinobunono.
ISINQUMO 3
INTSHA
YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IYASESEKA ISIDINGO SOKUDALWA KWEZIMO
EZINTSHA EMFUNDWENI
INgqungquthela:
-
IYAYIVUMA imibiko yemizamo ehlukeneyo eyenziwayo emhlabeni wonke
ukuguqula izinhlelo zemfundo ezibhekene nobunzima lapho kuvamise
khona ukuba kube ngabampofu abaqhubeka nokucindezeleka;
-
IKHOLWA ngukuthi iziphathimandla zemfundo kuyoyonke iNingizimu
ne-Afrika kakufanele ukuba ziqinise izintamo, kepha kufanele
zikwemukelwe ukudalwa kwezimo ezintsha futhi zikulungele
ukuphindaphinda imicabango emisha nxa/kanye nalapho kukhona
ithuba;
-
ITHUMA abafundi ukuba bafumane izindlela namasu okucwaninga
izinhlelo zemfundo nezinhlelo zezifundo eZwenikazi lase-Afrika
nasemhlabeni wonke nokuba batshengise ubuholi ekuphikisaneni
ngemibono yabo ngolwethu uhlelo lwemfundo nezinhlelo zezifundo
nxa ziqhathaniswa nezakwezinye izindawo;
-
IZWILE ngempumelelo esibekhona kuze kube yimanje ngohlelo
lokulinga lwezikole zomphakathi ezigunyazwe nguMbuso ezanda
nalolonke elaseMelika nokubonakala ukuthi zikhiqiza imiphumela
emihle kakhulu;
-
IBASHAYELA IHLOMBE abenza imisebenzi yesihawu abakhuthalele
ukweseka lezizikole, futhi ibuza ukuthi kungani abantu bezinga
eliphakathi kwelezicebi nelabampofu kanye nabantu abadla
izambane likampondo abazuza ngoHlelo Lokuhlinzekwa Kwabamnyama
Ngamandla Kwezomnotho (Black-Economic Empowerment) bangabonakali
bona bezimbandakanye nokulekelela abafundi abampofu abavela
emiphakathini entulayo ukuba bafumane imfundo yezinga eliphezulu;
-
IKUQAPHELA ngentshisekelo ukuthi lezizikole zokulinga zinikezwa
isimo esixegayo kakhulu ngokusebenza kothishanhloko bazo
ngendlela yokuphendula ngabakwenzayo nokuthi izabelo zezimali
zezikole ezisebenza kahle ziyakhuliswa;
-
IYAZESEKA izinyathelo zaloluhlobo ezifuna ukuba kuphendulwe
ngokwenziwayo nezihambisana ngokupheleleyo k=nomgomo weQembu
LeNkatha Yenkululeko;
-
ITHUMA abaholi beQembu LeNkatha Yenkululeko abamele umphakathi
kohulumeni ukuba bayifundisise lemibiko yezinhleo zemfundo
ezilingwayo nokuqiniseka ukuthi ngabe kuyinto enokwenzeka yini
kanye/noma enethuba ukuba loluhlobo lwezikole zomphakathi
ziphindaphindwe nalapha eNingizimu ne-Afrika.
ISINQUMO 4
INTSHA
YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IFUNA UKUBA LIHOXISWE
LINGASATSHALALISWA IBHUKU LOMLANDO ELIHLAMBALAZAYO ELIBIZWA NGOKUTHI
“IN SEARCH OF HISTORY”
INgqungquthela:
1.
ISILIHLOLILE ibhuku labafundi besigaba 12 elibizwa
ngokuthi “IN SEARCH OF HISTORY” (elishicilelwe ngabakwa-Oxforf
University Press Southern Africa – J Bottaro, P Visser, N Worden)
okubikwa ukuthi lizokhishelwa abafundi nguMnyango Wemfundo kulolonke
izwe ngonyaka ozayo;
2.
IKHOLWA ngukuthi lelibhuku nokuthile elikuquketheyo,
okhlanganisa namakhathuni okuthiwa aqonde ukubeka umfanekiso
womlando walesisikhathi, lihlambalaza kakhulu uMengameli weQembu
LeNkatha Yenkululeko neQembu akhethelwe ukulihola;
3.
IFUNA ukuba kumiswe ukusatshalaliswa kwalelibhuku
kusukela khona manje;
4.
IGCIZELELA ukuthi uMengameli wethu usebenze futhi
usaqhubeka nokusebenza egameni lethu ngazozonke izikhathi
nangomyalelo weQembu, ngakho noma yikuphi ukucabanga okufana nalokhu
okuqukethwe yilelibhuku okukhomba ukuntula ubuqotho kwezombusazwe
ohlangothini lwakhe, kusihlasela sonke.
ISINQUMO 5
IQEMBU
LENKATHA YENKULULEKO LILEKELELA UKWENZA IZINDAWO ZETHU ZOKUFUNDA
ZIPHEPHE NOKUBA ZINGABINAYO INDLUZULA NOKWESABISA
INgqungquthela:
1.
IYAKWEMUKELA ukuthi ukwesatshiswa nokuchukuluzwa
kwabafundu ngabanye abafundi osekusabalele kuyiqiniso ezikoleni
eziningi njengoba kwenzeka nasekwandeni kwezigcwelegcwele;
2.
IYQHUBEKA NOKUKWEMUKELA ukuthi othisha nabafundi
bagcwelezwa ngendluzula ngezikhali ezifana nommese nezibhamu
begcwelelwa ngabanye abafundi nabafohlayo bangene emabaleni ezikole;
3.
IYADABUKA futhi ukuthi abazali abathile namalungu
athile emindeni abafundi nabo sekhonjwe njengabanye babahlaseli
babafundi nawothisha;
4.
IKHOLWA nangukuthi imibiko eshaqisayo yokucwaninga
kwakamuva yezinga lokuhlukunyezwa okunonya ngokocansi kwesibalo
esikhulu samantombana nabafana abancane ngabafunda nabo, okuvamise
ukuba kufihlwe, kufanele kubhekwane nayo ngokushesha;
5.
IKHUTHAZA ukuba izingane zaziswe ngendlela enozwelo
nefanelekileyo ukuthi ukuziphatha okuphambana nesimilo kuneshwa
lokuthi kuyinto ekhona emphakathini, ukuthi izinkubele kufanele
zikhuthazwe ukuba zibakhombe abahlukumezi bazo nokuthi bonke
abathintekayo kufanele balekelelwe yizingcwepheshi ezifanelekileyo
maqondana nalokhu;
6.
ISOLA imiphumela yalokhu kuphila okubi ngendlela
esabekayo nezimo zenhlalo yomphakathi ngengxenye enkulu yalokhu
kuziphatha okunokonala;
7.
IWESEKA NGOKUPHELELEYO umthetho omusha ohlinzeka
ukusesha nokwephuca nokuhlolela izidakamizwa okwenziwa ngaphandle
kokubikezelwa;
8.
IYAKUVUMAukuthi usizo lwezokwelapha, oluhlanganisa
nokweluleka nezinyathelo zokujezisa kungase kube yizinyathelo
ezifanelekileyo ezimeni ezithile zokuziphatha okunendluzula
nokungahmabisaniyo nemigomo yomphakathi, okufana nokuchukuluza,
kepha ukuthi kufanele kube nezjeziso ezinzima ngamacala obugebengu
nje jikelele enziwa emabaleni ezikole njengesixwayiso sokuthi
lezizenzo zingase zilandelwe yizinyathelo ezinzima;
9.
ITHUMA wonke amalungu nabeseki ukuba batshengise
ubuholi nokuba bagqugquzele ukuba kuliwe nazozoznke izinhlobo
zokuchukuluza nokwesabisa nokuba baphumele obala bakhulume
ngobugebengu neshwa elihambisana nezenzo zezigcwelegcwele.
ISINQUMO 6
INTSHA
YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IBAFISELA IMPUMELELO BONKE ABAFUNDI
ABASEBENZE NGOKUZIKHANDLA KUMATIKULETSHENI NGEMUVA KONYAKA ONZIMA
INgqungquthela:
1.
IFISELA bonke abafundi bakamatikuletsheni abasebenze
ngokuzikhandla impumeleleo ebafaneleyo;
2.
IYABUVUMA ubunzima obubhekane nabafundi ngalonyaka
ngenxa yokubonisana ngamaholo okubenokuphazamisa nokube nomphumela
wokuba othisha bangabikho emsebenzini isikhathi eside;
3.
IYABANCOMA labothisha abazame ukulekelela abafundi
ekuvaleni igebe lezifundo ezilahlekileyo nabenze konke okunokwenziwa
ukulungiselela abafundi babo ngokuyikho;
4.
INXUSA labobafundi abangaphumelelanga ukuba
bangalilahli ithemba, kepha ukuba baphinde bazame futhi nokuba
bayiphinde kabili imizamo yabo ukuze baqiniseke ukuthi bayaphumelela
ngonyaka ozayo;
5.
IYAPHINDA FUTHI inxusa intsha yeQembu LeNkatha
Yenkululeko nalabo asebephothule umatikuletsheni ukuba batshengise
ubuholi babo ngokuhlangana balekelele nokuba beluleke abafundi
abazabalazayo abadinga usizo maqondana nezindaba ezehlukeneyo
zezifundo;
6.
ICELA bonke labo abacabanga ukungenela izifundo
zemfundo ephakemeyo njengamanje ukuba bayicabangisise imfundo
yemisebenzi ethile kanye neyamakhono ehlukeneyo antulekayo kuyoyonke
iNingizimu ne-Afrika;
7.
IYAWESEKA umbono wokuthi kuningi okudingeka ukuba
kwenziwe emkhakheni wemfundo ukubhekana nezinhlelo zokuqukethwe
yizifundo nezinselelo eziqondene nezinga lemfundo kanye nesidingo
sokwenza ngcono ukuxhumana nokuvivisa okungaphandle kwesikole.
ISINQUMO 7
INTSHA
YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IFUNA UKUBA KUBEKHONA ABAXOSHWAYO
NGEMUVA KOMONAKALO OWENZEKE EKUPHATHWENI KWEZIMALI ZEMINIKELO EVELA
EMAZWENI ANGAPHANDLE NAMAHLAZO OHLELWENI LOKUTHENGWA KWEMPAHLA
KAHULUMENI
INgqungquthela:
-
IKHOLWA ngukuthi kufanele kubekhona abaxoshwayo kulandela
imibiko yehlazo lokuthi uMnyango Wemfundo uphoqeleke ukuba
ulahlekelwe yizi-R323 000 000 zezimali ezingasetshenziswanga
ebeziyiminikelo evela emazweni angaphandle angaphansi
kweNyonyana YaseYurophu (European Union), ebihlinzekelwe ukwakha
izindlu zokufundela, izizinda zokudla kwezingane zesikole
nokuhlinzeka amanzi, ukuthuthwa kokungcola nogesi ezikoleni
eMpumalanga Koloni, eLimpopo naKwaZulu Natali;
-
IBUZA ukuthi iminyango ethintekayo lingalunyamezelela kanjani
loluhlobo lokuntuleka kwekhono futhi icela ukuba kubenencazelo
enemininingwane eyenzelwa umphakathi maqondana nalokhu;
-
ICELA uNgqongqoshe Wemfundo neziphathimandla zemfundo
ezifundazweni ukuba zichaze ngokugcweleyo ukuthi kwenzeke
kanjani lokhu nokuba kumiswe izindlela ezisebenzayo zokuqiniseka
ukuthi zonke izimali zeminikelo zisetshenziswa ngokugcweleyo
ngaphakathi kwemidiyo yesikhathi edingekayo;
-
IFUNA ukuba imibiko yonyaka yazozonke izimali zeminikelo
eqondene nezemfundo evela ngaphakathi nevela ngaphandle
ikhishelwe umphakathi futhi isatshalaliswe kabanzi;
-
ITHUKUTHELISWA ngukuthi abanezivumelwano zokuhlinzeka izincwadi
nezinto zokubhala nenye impahla ezikoleni eGauteng babiza imali
efinyelela ema-R13,87 ngepensela lilinye;
-
IBUZA ukuthi ngabe lokhu kakwenzeki yini kwezinye izindawo
kulolonke izwe nokuthi yikhani kusazodaluleka;
-
ICELA ukuba kubenophenyo lwezwelonke ngazozonke izivumelwano
namathenda aqondene nokuhlinzekwa kwayoyonke impahla ezikoleni
imikhandlu yabo yokuphatha ethunywe yiminyango yemfundo ukuba
yemukele impahla yokweseka abafundi ehlinzeka yizinkampani
ezithile, esikhundleni sokuba iziphathele yona izimali zayo
maqondana nalokhu;
-
ILINDELE ukuba intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko litshengise
ubuholi ngokudalula nokuphumela obala ikhulume ngazozonke
izinhlobo zenkohlakalo nokusetshenziswa kabi kwezimali
zikahulumeni kanye nokusola indlela okubikwa ukuthi i-ANC
isebenzisa ngayo inkampani “engubuso” (i-Chancellor House)
ukufumana izivumelwano zoMbuso – okwenzeke kamuva nje okube
yimali engaphezu kwezi-R20 billion yesivumelwano nabakwa-Eskom –
futhi singakukhohlwa lokho okubizwa “ngehlazo likawoyela” le-Petro
SA neMvume Management.
ISINQUMO 8
INTSHA
YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IFUNA UKUBA KUBE NOMNYANGO WENTSHA
OZIMELEYO
INgqungquthela:
1.
IFUNA ukuba iqedwe iKhomishani Yentsha ngoba
isikufakazele ukuthi iyindlela yokulinga ebiza imali eningi
nengasizi ngalutho nentula ukuqondiswa nomphumela;
2.
IYAWASOLA amaholo nezindleko eziyinhlekisa
ezikhokhelwa oKhimishana Bentsha imibiko nezinyathelo zabo
ezingaphumelelanga iminyaka eminingi ezintula ukujula nombono
nezhlulekile ukuhlangabezana nezidingo zentsha yezwe nganoma iyiphi
nje indlela;
3.
IYAKWEMUKELA ukuthi oKhomishana abaningi bebenehloso
enhle eminyakeni eminingi, kepha iKhomishani njengoba imisiwe
njengamanje, intula ikhono elidingekayo, ukukholakala namandla
okuqhuba ukufezwa komsebenzi odingekayo;
4.
IYAKUQONDA ukuthi izinga leKhomishani selehle
lafinyelela kwelomkhandlu lapho ezikhathini eziningi umbimbi lwe-ANC
luyisebenzisa khona ukuphakamisa nokuvikela abathembeke eqenjini
nalapho kudlange khona ukwenzela abangani amathuba;
5.
IFUNA ukuba kube nokuhlaziywa okuzimeleyo
okuphuthumayo komsebenzi wempela weKhomishani kusukela yamiswa kuze
kube yimanje ukukufakazela okokugcina ukuthi kawunamsebenzi
kangakanani lomkhandlu;
6.
INXUSA ukuba kubenoMnyango Wentsha ozimeleyo
ozosebenzela eHhovisi loMengameli ukubhekana nezidingo zentsha yezwe
ezibucayi, ezijulileyo nezinhlobonhlobo.
ISINQUMO 9
INTSHA
YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO LIYAKUGXEKA UKUKHULA KWEZINGA
LOKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE NENTSHA KANYE NOBUGEBENGU NJE JIKELELE
EZWENI LAKITHI
INgqungquthela:
1.
IYAKUGXEKA ukuqhubeka kokudlwengulwa nokuhlukunyezwa
kwabesifazane nentsha nobugebengu nje jikelele ezweni lakithi;
2.
IYAKWEMUKELA ukuthi indluzula ehambisana nobulili
nenye indluzula eningi nokuziphatha okunhlanhlathayo kufundwa futhi
kwenzeka emakhaya ethu nokuthi iningi lezinkubele zivamise ukubazi
abenzi bamacala obugebengu abawenza kubo, ikakhulukazi amacala
aphathelene nocansi;
3.
IYAKWEMUKELA ukucwaninga okukhomba ukuxhumana
okucacileyo phakathi kokuhlukumezeka komqondo kwasebunganeni
nokuziohatha ngendluzula kamuva empilweni;
4.
IKHOLWA ngukuthi ububha, ukusetshenziswa kabi
kwezidakamizwa notshwala kanye nomoya wobulili, kungenzeka ukuba
ingxenye yakho kuhambisane nendluzula yomndeni nezinye izenzo
zobugebengu, ngakho idinga ubuholi bomphakathi obakhayo kanye
nokungenela ngqo kukahulumeni maqondana nenhlalo yomphakathi
nombusazwe;
5.
IYAKUQONDA ukuthi intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko
ineqhaza lobuholi efanele ukulibamba ekusebenzeni emiphakathini yayo
ukuqeda lokhu kuntuleka kwentshisekelo okukhona njengamanje
nokusobala maqondana nokuziphatha okugcizelela ubulili, ukuhlukumeza
okuhambisna nobulili nezinye izinhlobo zendluzula;
6.
ICELA intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko ukuba
ikhankase ngenkuthalo ekulweni nobugebengu nokulekelela bonke
abadinga usizo, noma ngabe ngolwabezenhlalakahle noma ngolwaboMbutho
Wamaphoyisa WaseNingizimu ne-Afrika;
7.
INXUSA uhulumeni ukuba akulawule ngokucophelela
ukukhangisa ngotshwala nogwayi nokuqeda ukusabalala kwamashibhi
nezindawo ezithengisa utshwala ngokungemthetho emiphakathini yethu;
8.
IYASHAQEKA ukuthi omasipala abathile kuthiwa beseka
ukuba lamashibhi enziwe abe semthethweni;
9.
IBUZA ukuthi kungani uMbutho Wamaphoyisa
WaseNingizimu ne-Afrika ungawavali lamashibhi angekho emthethweni
nokuthi kungani amaphoyisa engavinjelwa ukuba asebenzise lezizindawo
ngendlela esobala njengoba enza;
10.
ICELA ukuba kube nezinhlelo zemfundo zokufundisa
abazali (okuhlanganisa nabazali abangaphansi kweminyaka engamashumi
amabili yobudala) amakhono obuzali adingeka ngendlela ephuthumayo
kanye namasu okuxazulula ukungqubuzana;
11.
IYAYESEKA inhlabamkhosi yokuba kwakhiwe izizinda
zezingane nokuba kutshalwe imigomo yomphakathi ezinganeni kusukela
zisezincane;
12.
INXUSA uHulumeni ukuba ahlinzeke amalungiselelo
okunakekelwa nezindawo zokweseka nokukhulisa izingane emiphakathini;
13.
IBUZA ukuthi kudalwa yini ukuba izindawo zokuvikela
izingane zingabonakali kalula futhi kufinyeleleke kalula kuzo;
14.
IQHUBEKA ICELA ukuba kube namaqhinga ezwe okuvikela
izingane nentsha, okuhlanganisa nalawo aphakanyiswa yi-Childline
okukhona kuwo: izinhlelo zokunakekelwa okungcono kwezingane ngemuva
kwesikole nokuviviswa kwabeluleki bezempilo, othisha nabanye ukuba
basheshe baziqaphele izimpawu zokucindezeleka kwengqondo noma
ukuhlukunyezwa phakathi kwezingane;
15.
IDINGA ukuba amalungu nabeseki beQembu benze konke
okusemandleni abo ukulekelela abazali abasebenzayo emiphakathini
empofu nabasethubeni lendluzula, lapho kwaziwa ukuthi kudlange khona
ukuhlukunyezwa kwezingane, ukulekelela ukuhlela ukunakekelwa
nokuthokoziswa kwezingane ngesikhathi samaholide ezikole
kulamaholide ezikole ezayo.
ISINQUMO 10
INTSHA
YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IYAQHUBEKA NOKWESEKA UMKHANKASO
“WOKUHLONISHWA KWABOBONKE ABANTU” NOKUNXUSA UKUBA KUBE NAMAZINGA
APHAKEMEYO OKUZIPHATHA EKUNQANDWENI KWEGCIWANE LENGCULAZA NENGCULAZA
UQOBO KANYE NOKUNQANDWA KOKUKHULELWA KWENTSHA ENGAPHANSI KWEMINYAKA
ENGAMASHUMI AMABILI YOBUDALA
INgqungquthela:
1.
ITHUMA izinsizwa nezintombi ukuba bahloniphe
ukuphelela kwemizimba yabo kanye neyabanye nokuba intsha yeQembu
LeNkatha Yenkululeko itshengise izinga lokuziqoqa nobuholi
maqondana nalokhu;
2.
IYAKUQONDA ukuthi amazinga ayisibonelo okuziphatha
kwabazali nezinhlobo ezehlukeneyo zemfundo kungukhiye ekugxiliseni
ukuziphatha okwazisa izibopho entsheni, kusukela isencane;
3.
IKHOLWA ngukuthi ukuvinjelwa kwegciwane lengculaza
nengculaza uqobo nemikhankaso eqaphela ubulili neyemfundo kufanele
ididiyelwe futhi inxusa nokuba amalungu ahlale ewaphindaphinda
amazwi okuxwayisa athi: Zithibe, Thembeka Sebenzisa ikhondomu;
4.
INXUSA ukuba zithathwe ngokunakwa okukhulu izifundo
ezikhombisa ukuthi ukudla okungenele nokuhlatshwa yigciwane
lengculaza kuxhumene (ngokuthi abesifazane abangakufumaniyo ukudla
okweneleyo basethubeni elikhulu lokungena ekusebenziseni ucansi
olungaphephile) ngoba indlala ithathwa njengesithiyo esikhulu
esisendleleni yamaqhinga okuvinjelwa kwegciwane lengculaza
nengculaza uqobo;
5.
ICELA ukuba amalungu nabeseki beQembu bakhankase
emiphakathini yabo nomlayezo wokuthi ukukhulelwa kwentsha engaphansi
kweminyaka engamashumi amabili yobudala kuba nomphumela wezingane
ezivamise ukuba sengozini yokuhlukunyezwa nokunganakwa;
6.
IKHOLWA ngukuthi izinhlelo zezifundo ezikoleni
kufanele zifundise ngazozonke izinhlangothi eziqondene nokukhulelwa
kwentsha eneminyaka engaphansi kwamashumi amabili yobudala,
okuhlanganisa nentengo yakho yemizwa (ngoba kuvamise ukuba
ukukhulelwa kube nemiphumela yemindeni yabazali abangabodwana, lapho
unina kunguye obhekene nokuhlinzeka usizo lokunakekela izingane)
kanye nezindleko zempela zokondla, ukugqokisa, ukufundisa
nokunakekelwa nje jikelele kwengane;
7.
ICELA amalungu nabeseki beQembu ukuba babeseke
ngenkuthalo nanganoma iyiphi indlela bonke abathintwa nabahlatshwe
yigciwane lengculaza nengculaza uqobo nokuba bahambisane
ngokupheleleyo nazozonke izinqumo zeQembu ezinqondene nalokhu,
okuhlanganisa nokulekelela ukusungulwa kwezikhungo zokulekelela
nokweluleka ngegciwane lengculaza nengculaza uqobo kuwowonke aMaziko
ethu.
ISINQUMO 11
INTSHA
YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IVIKELA INDAWO YETHU
INgqungquthela
1.
IQOPHA UKUSHAQEKA KWAYO ngombiko owenziwe yibutho
lawohulumeni ngesimo sezulu ethi kuyothu kuba ngunyaka ka-2020
abantu base-Afrika abaphakathi kwezigidi ezingama-75 nezigidi
ezingama-250 bayobe sebesengozini enkulu yokuntula amanzi ngenxa
yokuguquka kwesimo sezulu;
2.
IQHUBEKA IQOPHA ukuthi umkhiqizo wezolimo,
okuhlanganisa nokufinyella ekudleni, kukhonjwa ukuthi
kuzokhinyabezwa kanzima ngukufudumala komkhathi nokuthi emazweni
athile ase-Afrika, izivuno zizokwehla ngohhafu kwezolmo ezithembele
emvuleni;
3.
IYAKUQAPHELA ukuthi izinhlobo ezilinganiselwa
ezingxenyeni ezingamashumi amabili ekhulwini zezilwane zisengozini
yokushabalala emhlabeni nokuthi kuyothi kuba ngunyak ak-2100, izinga
lokushisa liyobe selikhuphuke ngendlela esabekayo ezindaweni
ezinokuphakama okulingana nokolwandle;
4.
IKHOLWA ngukuthi zonke izakhamizi kufanele
zigqugquzele ukuvikelwa kwendawo yethu ekwehleni kwezinga ikhuthaze
nokulondolozwa kwemvelo nokuthi lokhu kufanele kuqalise emakhaya
ethu nasezindaweni lapho intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko ibamba
khona iqhaza eliphambili;
5.
IFUNA ukuba kufundiswe ngokuguquka kwesimo sezulu
ukuze sithathwe njengento ephuthumayo ezweni;
6.
INXUSA wonke amalungu nabeseki beQembu ukuba baqalise
ukuxoxa nokuphikisana ngokuguquka kwesimo sezulu nezindlela namasu
okunganikela kuzo abantu ngamunye, imiphakathi, abalimi, abahwebi,
izimboni nohulumeni ekunciphiseni ubuthi bekhabhoni emkhathini –
lokho okubizwa nge-“greenhouse gas”;
7.
IKHUTHAZA imikhankaso yokuhlanza izindawo zethu;
imifula nemihosha yethu, kanye nemikhankaso yokutshala izihlahla
eziningi;
8. IGCIZELELA isidingo sokuba sonke siqale ukucabanga
ngokuthi
sizobhekana kanjani nezinselelo zokufudumala komkhathi
ngokukhuthaza ukuguqulwa kwendlela yokuphila kuze
kuyofinyelela phansi ohlotsheni lwegilobhu kagesi
esilusebenzisayo nokuhlanza kuphinde kusetshenziswe amanzi asendlini;
9. INXUSA ukuba zonke izigaba zikaHulumeni ziqiniseke
kusukela manje ukuthi zonke izindawo okwakhiswa kuzo abantu
zihlelwa ngokulandela izimiso nemigomo ebhekela indawo;
10.
IYABASOLA abathuthukisi bezindawo abenqaba
ukuthuthuka okubhekela ukuzwaka kwemvelo nokusetshenziswa
komhlaba nabaphanga ingcebo yemvelo ngenjongo yenzuzo;
11.
IQHUBEKA INXUSA ukuba kube nokucwaninga ukuze
kuqinisekwe noma imigomo kahulumeni ekhona njengamanje ehlelelwe
ukulekelela ezinguqukeni ezidingekayo ukunciphisa ubuthi bekhabhoni
iyasebenza ngempela yini nokuthi inalo yini ithuba lempumelelo
ekudaleni ukuphathwa ngendlela kwendawo okudingekayo nokuthi uma
lokhu kungasebenzi, kubenendlela yokwazi ukuthi yini engenziwa
ukwenza isimo sibengcono;
ISINQUMO 12
INTSHA
YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO LESEKA UMKHANKASO WEQEMBU WOKHETHO
LUKA-2009
INgqungquthela:
1.
IHLABA UMKHOSI ewubhekise kuyoyonke intsha yeQembu
LeNkatha Yenkululeko ukuba iqale ukukhankasela ukhetho ,ANJE nokuba
isabalalise umlayezo obucayi wokuthi ukhetho-jikelele oluzayo
luzokuba yibanga elimqoka emlandweni weningizimu ne-Afrika ngemuva
kwenkululeko;
2.
IYAKWEMUKELA ukuthi lolukhetho luzonquma ikusasa
lentando yeningi yamaqmebu amaningi ngezindlela eziningi ezweni
lakithi;
3.
IXWAYISA ngengozi elengela intando yeningi eningizimu
ne-Afrika yokuba iphenduke uMbuso weqembu elilodwa ngenxa yokuphela
kwentshisekelo kubavoti nokudideka ngukubusa kombimbi lwe-ANC;
4.
IZIMISELE ukuba intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko
ibambe iqhaza eliphambili ekuthungatheni nasekuqinisekeni ngokunqoba
kweQembu LeNkatha Yenkululeko okhethweni nokuba kubuyiselwe ukubuswa
kweSifundazwe saKwaZulu Natali eQenjini LeNkatha Yenkululeko;
5.
IYAWUSOLA FUTHI IYAWUCHITHA umbusazwe odukileyo
osekeleke ezinhlangeni embusweni wethu omusha wentando yeningi kanye
nanoma yimiphi imizamo yokugqugquzela ukwesekwa ngokombusazwe
ngokusebenzisa ubuzwe bezinhlanga njengeqhinga;
6.
IQHUBEKA IXWAYISA ngokuthi ukugqugquzela ngobuzwe
bezinhlanga okufufusayo kuyingozi enkul kakhulu ngakho icela
amalungu ukuba aphumele obala akhulume ngengozi yabo ntandweni
yeningi yamaqembu amaningi nenganalo ubandlululo lwezinhlanga;
7.
IYAKUQONDA ukuthi iningi lentsha yezwe iphelelwa
yithemba ngokuthi impilo yayo nempilo yemindeni yayo ingase yenziwe
ibengcono kakhulu nokuthi lokhu kungase kuholele ekuludubeni
ukhetho;
8.
IKHOLWA ngukuthi intsha kufanele ingaphenduki ukudla
kwemimoya emukela ukunqotshwa nokuthi, esikhundleni salokho,
kufanele izigqugquzele MANJE ukuqiniseka ukuthi amazwi abo
ayezwakala kuzozonke izindaba ezithinta inhlalo yomphakathi
nezomnotho kanye nezombusazwe ezibathintayo bona kanye nemindeni
yabo;
9.
INXUSA ukuba yonke intsha esiseminyakeni yokuvota
ikhuthazwe futhi ilekelelwe ukubhalisela ukuvota MANJE nokuba
isebenze ngenkuthalo kuyoyonke imikhankaso yohetho yeQembu LeNkatha
Yenkululeko;
10.
IKHUTHAZA intsha yeQembu LeNkatha yenkululeko ezweni
lonke ukuba iqalise – MANJE – ukuhlanganisa izinhlelo zomkhankaso
wokhetho woMbutho Wentsha weQembu LeNkatha Yenkululeko osekeleke
emigomeni yeQembu.
ISINQUMO 13
INTSHA
YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IYAKUSOLA UKUCHEMA KWENHLANGANO
YOKUSAKAZA YASENINGIZIMU NE-AFRIKA KANYE NEZINGA LAYO ELIPHANSI
LOKUHLANGANISA IZINHLELO ZENTSHA
INgqungquthela:
1.
IYAKUSOLA ukusetshenziswa kabi nangaphandle
kwezinhloni kwamandla ombusazwe nokusetshenziswa kweNhlangano
Yokusakaza yaseNingizimu ne-Afrika yi-ANC nezicikilishana zayo
ezisemsakazweni womphakathi;
2.
IQAPHELA ukuvuma okubikwa ukuthi kusanda kwenziwa
nguNonhala-Jikelele we-ANC ukuthi abaholi abaphezulu ukuthi iSigungu
Sikazwelonke seqembu labo “samedusa’ samenza wagunyaza uhla
lwabakhonjele izikhundla emkhandwni weNhlangano Yokusakaza
YaseNingizimu ne-Afrika “olwaphoqelelwa” ePhalamende;
3.
IKHOLWA ngukuthi kuyinto engaphezu kwesobala ukuthi i-ANC
isiphindisela iNhlangano Yokusakaza Yaseningizimu ne-Afrika esimeni
esifuze esidala sesikhathi sobandlululo sokuba ngumsakazo woMbuso
njengoba abaholi bayo behluleka nje ukwehlukanisa phakathi kweqembu
noMbuso;
4.
IYAKUCHITHA ukushiywa ngaphandle ngabomu kweQembu
LeNkatha Yenkululeko nabaholi balo okwenziwa yi-television nomsakazo
weNhlangano Yokusakaza YaseNingizimu ne-Afrika
5.
INXUSA izakhamizi ukuba ziziqonde izingozi ezilengela
intando yeningi yamaqembu amaningi ngenxa yokulawulwa ngonya
kokuqokwa komkhandlu weNhlangano Yokusakaza YaseNingizimu ne-Afrika
okwenziwe ngubuholi be-ANC -- beqa iPhalamende -- beqa futhI
nesigungu sokuphatha somsakazo ngemuva kwalokho;
6.
ILINDELE ukuba intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko
liphinde litshengise ubuholi ekweluseni izindaba, ulwazi kanye
nokuphawula ku-television nomsakazo weNhlangano Yokusakaza
YaseNingizimu ne-Afrika nokuba iyiphedule obala yonke imfundiso-ze
nokuchema;
7.
IHLABA UMKHOSI wokuba kube nohlobo olufanelekileyo
lokuhlanganiswa kwezinhlelo ze-television nomsakazo okuzokhuphula
kufundise intsha yaseNingizimu ne-Afrika kukhuthaze nokuthuthukiswa
kwamakhono, ukuzisiza nokuzethemba;
8.
IYAKUQONDA ukuthi umculo uyingxenye eyodwa
nokuzithokozisa kwentsha,kepha iyaluchitha ihlobo lomculo we-rap
oludumisa indluzula nomoya ongakhiyo obhekiswe kwabesifazane;
9.
IQHUBEKA IKHOLWA ngukuthi kuningi okusadinga
ukwenziwa ukuphakamisa ukulingana kobulili, amasiko asekhaya,
imigomo yobuntu/botho nokutshengisa intsha ukubaluleka
kokuzimbandakanye ngenkuthalo kwezemidlalo kanye nazozonke izinhlobo
zemisebenzi yamasiko neyomphakathi;
ISINQUMO 14
INTSHA
YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO LILEKELELA IZAKHAMIZI EZIKUFANELEYO
NEMIZI ENEZINHLOKO EZIYIZINGANE UKUFUMANA USIZO LUKAHULUMENI
LWEZENHLALAKAHLE
INgqungquthela:
1.
IQAPHELA ukuthi kunesibalo esibikwayo sezigidi
eziyisishiyagalombili sezingane zaseNingizimu ne-Afrika ezifumana
usizo lukahulumeni lwezimali zenhlalakahle;
2.
IYAKWEMUKELA ukuthi inini lalezizingane ziphila
esimeni sobubha obesabekayo nokuthi kakungabazeki ukuthi ngabe
zibulawa yindlala ziphile ngaphandle kokunakekelwa ukuba
bezingazifumani lezizimali;
3.
IQHUBEKA IQAPHELA ukuthi kunezinye futhi eziningi
zalezizingane okuthiwa “ngezisengozini” -- okuhlanganisa
nezintandane nemizi enezinhloko eziyizingane -- ezidinga
ukulekelelwa ukufinyelela kulezizimali, kepha ezingakwaziyo
ukufinyelela kuzo ngenxa yezinkinga zalokho okuthiwa “yimicikilisho
yezokuphatha”;
4.
IYAWUVUMA igalelo elicekela phansi wegciwane
lengculaza nengculaza entsheni yethu nasesizweni sethu;
5.
ITHUMA ALAMULNGU NABESEKI BEqEMBU lEnKATHA
Yenkululeko ukuba batshengise ubuholi ngokulekelela lezizingane
ezisesimeni esibucayi nabazali bazo, abaphathi bazo nabanakekeli
bazo ukufinyelela ezimalini zezenhlalakahle zokuzeseka nezabamele
abazali;
6.
INXUSA abaholi bentsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko
ukuba benze konke okunokwenziwa ukulekelela lababantu ukufumana
izincwado zokuzalwa zalezizingane kanye nawomazisi babazali
nabanakekela izingane;
7.
ITHUMA abaholi bentsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko
ukuba baqiniseke ngamagama nezindawo okusebenzela kuzo zonke
izisebenzi zezenhlalakahle kulezizindawo lapho abaholi bethu bentsha
behlala khona kanye namahhovisi aseduze lapho kungafakwa khona
izicelo zezimali zosizo lwezenhlalakahle;
8.
IQHUBEKA NOKUTHUMA ubuholi beQembu LeNkatha
Yenkululeko ukuba batshengise ukubakhona “KWEQEMBU LENKATHA
YENKULULEKO ELIKUSEBENZELAYO EMPHAKATHINI WAKHO”.
ISINQUMO 15
INTSHA
YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IZWAKALISA UKUTHOKOZA KUMENGAMELI WAYO
INgqungquthela:
1. IYATHOKOZA keMengameli weQembu lethu, Umntwana Mangosuthu
Buthelezi, ngentshisekelo nokuseseka okuqhubekayo
asihlinzeka ngakho sonke engakhathali;
2.
IKHOLWA ngukuthi okungukuphela kwendlela esingatshengisa ngayo
ukuthokoza nenhlonipho yethu ngukuba sense lokho esikuthunywa
yileziZinqumo egameni leQembu nasegameni lezakhamizi
zeNingizimu ne-Afrika;
3.
IYAKUVUMA ukuthi zonke izimpawu zikhomba ukuthi isimo sombusazwe
kusosonke isizwe njengoba kuyiwa okhethweni-jikelele
oluzayo sibucayi kakhulu futhi iyakuqonda ukuthi izwe libudinga
kakhulu ubuhlakani babaholi abavuthiweyo nabaqotho abafana nobomholi
wethu ukuba basihole emgudwini ofaneleyo;
4.
ITHEMBISA ukuzinikela kwethu emigomeni esilwelwe nguMengameli
wethu yonke impilo yakhe esebenza kwezombusazwe,
okuhlanganisa nokumela isidingo sobuqotho; ukuzisiza
nokuzethemba kanye nokuthungatha umbuso wentando yeningi
yamaqembu amaningi ephilayo. |