BY
HON MB GWALA MPL, KZN LEGISLATURE
Hon Speaker
Namhlanje sikhuluma kabanzi ngosuku lwamalungelo abantu kodwa ngeshwa elikhulu lapha KwaZulu-Natali sihleli emanzini sizilile ngenxa yabathile abafuna ukusephuca umhlaba. Njengamanje kukhona abasemshikashikeni wokufuna ukwephuca Ingonyama umhlaba ngokuthi kuqede Ingonyama Trust evikela amanenjana omhlaba owasala ngenkathi imibuso yamaKoloni neyobandlululo idikadika izwe lakithi.
Kuyichilo elikhulu ukuthi kukhona abathile abanolimi olumbaxa-mbili njenyoka abakhocozela baye kwiNgonyama bafike bayixoshise nangezinkomo kuthi ingafulathela nje bese beyigwaza ngekla ngemuva. Simangele ngoba labo galakajana abayizinyoka ezinobuthi abasho ukuthi umhlaba uzothathwa bese uyiswa kubani. Abanye babo bakhuluma indaba yomhlaba kodwa bahlula ngisho ukulungisa izingadi emakubo nasemizini yabo. Inkinga enkulu esibhekene nayo kulelizwe ekaSathane ocashe ngemuva kwesiphambano kanye nabaFarisi nabakhunkuli.
Ngenkathi uMntwana waKwaPhindangene ethula Isilo eSandlwana kwathi uma ekhuluma ngalesimo sokwephucwa umhlaba weNgonyama yena awujulukela ngenkathi enza ukuba kushaywe umthetho weNgonyama Trust, wabesefikelwa isibibithwane ngezehlo ezivelela Ingonyama kanye noZulu ngokwephucwa umhlaba. Sekukhona izinqushumbana ezihambe zihlekisa ngalokho zithi uMntwana waKwaPhindangene wenzi cheap politicking kushiwo ngabantu abazenza sengathi bayamthanda uMntwana kodwa uma bekhuluma ezindlini ezincane zaseRoyal Show Ground bakhuluma okunye. Kukhona ufukwe okhuluma lokhu khona lapha eNdlini ozenza muhle phambi kwethu kanti inyoka.
Iqembu leNkatha linombuzoke wokuthi namhlanje imaphi lawomalungelo okumele siwagubhe uma abantu bephucwa umhlaba? Njengoba kade sigubha usuku lwamalungelo abantu izolo umuntu uyazibuza ukuthi njengoba nosuku lwenkululeko seluseMome enyangeni ezokwethwasa mhlaka 27 yini lena abantu abayobe beyibungaza uma kukhona abafuna ukubephuca umhlaba?
Ngaphandle komhlaba akukho malungelo nankululeko abantu okumele bakubungaze. Kuyadabukisa ukuthi namhlanje kungabakhona abantu abathi akuthathwe wona lamanenjana omhlaba asele alwelwa okhokho eSandlwana. Uma kuthathwa wona yini ezosala na?
The Inkatha Freedom Party acknowledges that we, as a Country, have come far in terms of ensuring that all South Africans enjoy equal human rights. For that we are thankful.
From the outset, I must state that the IFP has always been a champion of human rights. We engaged the liberation struggle from the perspective that human beings have an intrinsic right to life, security and dignity, as well as a right to food, shelter, water, education, justice, health care and the full gamut contained in South Africa’s Bill of Rights.
Because we believe so fundamentally in the sanctity of human life, we never saw people as ammunition or as an expendable resource in the pursuit of a cause. When the ANC abandoned the founding principles of our liberation struggle and embarked on a People’s War, which brought bloodshed, violence and death to our country on a vast scale, the IFP could not agree.
We were no less passionate about political liberation than the ANC, but we could not blind ourselves to the fact that human rights would be trampled by an armed struggle whose very purpose was purportedly to gain respect for human rights.
CORRUPTION
We are obliged to call on our government not only to lead the campaign for good governance in Africa but to lead by example in providing basic services such as water, sanitation, housing and electricity to our people so as to achieve the Millennium Development Goals.
A serious challenge to the realization of the socio-economic rights contained in Constitution is that of crime and corruption. Corruption and maladministration are inconsistent with the rule of law and the fundamental values of our Constitution. They undermine the constitutional commitment to human dignity, the achievement of equality and the advancement of human rights and freedoms. They are the antithesis of the open, accountable, democratic government required by the Constitution. If allowed to go unchecked and unpunished they will pose a serious threat to our democratic State.
However, the fight against corruption is very far from won and that we are not yet able to claim that we have done all that we can, as best we can.
RACISM
Kumanje inkinga yokucwasana ngokubuhlanga ezikoleni zalapha KwaZulu-Natal isingenhla kwamadolo. Lesimo sidinga ukuthi silungiswe ngokukhulu ukushesha ngokuthi kubizwe ukhukhulela-ngoqo womhlangano noma inkomfa evulelekile lapho kuzoxoxwa kabanzi ngesihlava. Isandla kumele siqine nakothisha abasanensila yokucwasa abafundi ezikoleni ngokobuhlanga kanye nangokwenkolo yabo ngokuthi babaxoshwe.
Angeke sakuvuma ukuthi kubekhona abantu abangosikhwili phambana nobhoko bona abababela ulaka sibe silubhula. Noma ngubani ocwasa abanye ngokobuhlanga noma ngokwenkolo kumele athathelwe izinyathelo.
POVERTY
Every South African is entitled to economic, social and cultural rights as entrenched in the Constitution. These rights are indispensable to his or her human dignity.
The IFP believes that poverty is the greatest of human rights violations and it must be treated as such. The high levels of poverty, gross economic and social inequality, as well as chronic unemployment and corruption, are the enduring realities in our country that, in practical terms, cast doubt on whether South Africa is indeed a country for all her people.
In the midst of plenty, some are still unable to enjoy even the minimum level of food security, water and electricity, quality education and healthcare, as well as shelter. This is not only as a result of a depressed economy, but also unwillingness, wilful negligence and/or discrimination on the part of both the public and private sectors. Before we can celebrate human rights, more needs to be done before our people can fully enjoy their rights.
More needs to be done in South Africa to ensure that human rights are consistently upheld in areas like healthcare, social care, housing, education, and in the justice system. Abantu uma besacasha ngezihlahla emahlathini bevika izinyoka eziyingozi uma imvelo ibaxina, besaphuza amanzi nezimbongolo, abafundi besafundela phansi kwezihlahla nasezikoleni zodaka, iziguli zisalala emabhentshini ezibhedlela abahlengikazi bengazinakile, ugesi ungekho ezindaweni eziningi kanye nezidlu lokho kuphambene namalungelo abo akumthetho-sisekelo.
It is vital that South Africa makes human rights real for the most vulnerable and marginalised people in our society, and the National Action Plan can make a real contribution to that.
Furthermore, racism at all levels must be tackled with vigour to rid our society of all the remnants of the evil apartheid system. Racism is like a disease that disturbs our peace and restrains our prosperity as a country.
Ngiyathokoza.