Ngivumele ngiphawule ngodaba oluqukethwe yisihloko esithi: “i-ANC igeze umuzi ka-Archie Gumede,” oluphume kwiSolezwe layizolo (04/05/19)
Njengomuntu ongumphumela womzabalazo, ngizwakalisa ukusishayela ihlombe isinyathelo se-ANC sokugeza umuzi woMholi nengqwele yomzabalazo, uMnuz. Archie Gumede, owayenguMholi we-United Democratic Front. Ngiyawuncoma futhi nombono wokugeza abasala odlameni eMpumalanga nakwezinye izindawo.
Sengikushilo lokho ngifisa ukuzwakalisa ukuthi, yize zincomeka izinyathelo zikaKhongolose futhi kukuhle ukuba bakwenze lokhu njengenhlangano kumalungu ayo, kodwa kuneqiniso elilokhu ligqolozele uKhongolose neNkatha. Leliqiniso lithi kumele ngesinye isikhathi ubuholi balezinhlangano buhlale phansi buludingide ngokuhlanganyela udaba lwabantu abasala odlameni lweminyaka ywo-1980 kuya ko-1990 buhlonze nokudinga ukwenziwa ngalokho.
Kepha Mhleli okungiphushe ukuba ngilobe ngumlando owethulwe nguzakwethu uMnuz. Cyril Xaba ngezizathu ezasusa udlame lapha KwaZulu-Natal. NgokukaNonkosi, udlame lwathungelwa yikuba abafundi basePhezulu High babenqaba ukufunda uBuntu-Botho. Okwesibili kwaba yikuthi babethi uma bezitelekela kufike amalungu eNkatha nezagila.
Owami umlando uthi udlame KwaZulu-Natal lwaqala ngeminyaka yawo-1983. Ngaleyominyaka uhulumeni wabamhlophe owawuphethe iNatal, owawaziwa nge-Natal Provincial Administration (NPA) wanquma ukwenyusa imali yakugibela amabhasi nanye neyokuthelela izindlu emalokishini ayengaphansi kwawo. Izinhlangano zababecindezelwe – okwakukhona kuzo neNkatha – zahlangana zavumelana ngokuqala imikhankaso yokulwa nalezinyathelo zabamhlophe. Kepha kwaxaka ngenkathi abaHoli – uMfu. Mcebisi Xundu owayenguMfundisi weBandla laseSheshi, uMnuz. Msizi Dube owayeyiKhansela noMnuz. Richard Gumede – esikhundleni sokuba bahlangane nezinye izinhlangano – benquma ukusungula umkhankaso wabo owawuseceleni abawetha ngokuthi yiJoint Rent Action Committee (JORAC) nowachema ngokusobala ne-United Democratic Front (UDF).
Esikhundleni sokuba ibhekise impi kuhulumeni wabamhlophe, i-JORAC yabhekisa impi yayo eNkatheni. Umhlangano womphakathi owawubizwe eLamontville Community Hall owawuzohlahla indlela yokulwa nalokucindezelwa ngabamhlophe, wahlakazwa ngamalungu eJORAC-UDF; ashisa izimoto zabaholi beNkatha banjengoMnuz. Joshua Zulu owayeyilungu loMgwamanda weNkatha nowayekade eboshelwe eRobben Island. Ngaphezu kwalokho, bashisa umuzi kaNkk Ella Nxasane owayenguSihlalo kaZwelonke woMbutho waBesifazane beNkatha. Lwasukake uthuli lwezichwe okwashiswa kulo imizi yamalungu eNkatha eLamonti naseHambanathi. Amanye amalungu eNkatha alinyazwa. Umkhankaso waphenduka waqondiswa kuMengameli weNkatha owayesebizwa ngomdayisi nesikhothangqoko sabamhlophe.
Ngo-1983 kwabulawa uMholi neshoshozela lomzabalazo uMnuz. Msizi Dube. Imfundisoze eyasatshaliswa lapho kwaba eyayithi wayebulewe yiNkatha. Kepha Inkantolo eyagweba uMnuz. Moonlight Gasa nabanye ngalelocala kayizange ikhiphe isigwebo esasisola iNkatha ngokubualwa kukaMnuz. Dube. Ngiyakhumbula nje ukuthi emngcwabeni wensizwa yakwaBhengu eyayibulawe ngamaphoyisa owawuseChesterville, esasiwuhambele nathi njengeNkatha, sahlaselwa lapho yintsha eyayigqoke izikipa ze-Asinamali nezazinesithombe sakhe uNzwakele. UMnuz. Winnington Sabelo owayeyiLungu loMgwamanda weNkatha wahlaselwa lapho walala izinyanga esibhedlela. Thina nawoComrade bami uMandla Msomi noThemba Nzimande saphuma ngesamagundane, ngenhlanhla sangaba namyocu.
Ngeshwa ngo-1985 kwabulawa omunye uMholi neshoshozela lomzabalazo uMmeli uNkkz Nontsikelelo Mxenge. Zanele zezwakala nje izindaba ezibuhlungu zokusocongwa kwakhe, kwasekusatshalaliswa imfundisoze eyayithi wayebulawe yiNkatha. Ngalesosizathu-ke ilokishi uMlazi lavutha ngenkathi kuhlaselwa izakhiwo nempahla kaHulumeni waKwaZulu nemizi yalabo ababaziwa ukuthi baebngamalungu eNkatha noma babesebenzisana noHulumeni waKwaZulu, okwakuhlanganisa namaKhansela. Kwashiswa nezitolo namanye amabhizinisi ama-Afrika. Lokuhlasela okwakuseMlazi kwasabalalela nasemalokishini afana nelaKwaMashu Kanye naseBhambayi lapho izakhamizi ezingamaNdiya zadlelwa imizi yazo zashaywa zabaleka. Nabo-ke labo babehlaselwa basukuma bazivikela; kwaba wukubhebhetheka kodlame njalo.
Umlando wami uthi udlame eMpumalanga lwaqala ngo-1986 eSibukosezwe High lapho intsha yeHammarsdale Youth Congress (HAYCO) eyayiholwa nguMnuz. Vusi Maduna, yahlasela yashisa uMnuz. Bhotela Thabede owayenguSihlalo weKomiti leSikole futhi enguSihlalo weNkatha. Isizathu kwaba yikuthi kwakunomyalelo owawuthi akuqedwe izakhiwo ezazifana namaKomiti ezikole ayethathwa ngokuthi ayecheme nesitha, ukuze endaweni yawo kusungulwe “Izinhlaka zokuPhatha Zabantu.” Ngeshwa naye uMnuz. Maduna wagcina ephelele ezandleni zamaqabane akhe. Isono sakhe kwaba ngukuthi wayexoxisana noMnuz. Zakhele Nkehli owayenguMholi weNtsha yeNkatha, ngenhloso yokudala ukubuyisana. Lolodlame lwasabalala seluqhutshwa yintsha yaseSibukosezwe isihlangene neyaseKusa.
Kuyiphutha ukuthi intsha yasePhezulu yayingafuni ukufunda uBuntu-Botho ngoba eMpumalanga lesosifundo sasifundwa ezikoleni zamabanga aphansi kuphela.
Yilokhu ebengithi angikuchaze Mhleli ngoba nami nginomthwalo wokufundisa iNtsha ye-IFP ngomsuka walelihlazo elehlela ama-Afrika ngenkathi ecekelana phansi.
Sengiphetha ngithi thina njenge-IFP asikaze sikuphike ukuthi amalungu ethu ambandakanyeka odlameni; kepha kasiziqhenyi ngalokho. Yingakho kuyayekuthi lapho sifumana ithuba lokukhuluma ngalomlando singakushiyi ukuxolisa kwethu kubantu baseNingizimu Afrika ngehlazo elehlela umzabalazo wethu njengama-Afrika. Kepha okukhulu sifisa ukuba lezizinto zilungiswe ngesizotha ngabaholi bazo zombili lezinhlangano.
Yimi
UMbongeleni Joshua Mazibuko
IPhini loMkhulumeli kaZwelonke we-IFP
0839926135