ISAZISO SESIPHAKAMISO
Mhlonishwa SoMlomo; ngokuhlala kwaleNdlu okulandelayo ngiyophakamisa kanje:
LeNdlu:
Iyaziqhenya ngombiko we-New-Age ngoXolani Mbuyise okhombise ubuqhawe ethweswa iziqu ze-BSc kwi-Physics yiNyuzesi yaKwaZulu-Natali emva kokuzabalaza kanzima.
Ngokombiko, uMbuyise washonelwa ngunina esemncane wakhuliswa ngugogo. Emva kokutibula kukagogo, wagcina emphasile uMatikuletsheni. Wabe esezabalazela ukungena eNyuvesi. Emva kwalokho ubehamba ibanga elingama-20km cishe nsuku-zonke esuka kubo eSlangspruit eya eNyuvesi.
Lensizwa ingubufakazi bokuthi ukubekezela kuzala impumelelo
LeNdlu inquma:
1. Ukumethulela isigqoko uXolani Mbuyise ngomzabalazo wokulwela imfundo aseze wawunqoba
2. Ukuhlonipha uninakhulu owazikhandla wabekela umzukulu wakhe isisekelo esiqinile
3. Ukweluleka yonke intsha empisholo ukuba ifunde esibonelweni esihle sikaMbuyise
Mhlonishwa SoMlomo ngiyophakamisa kanje
Isgnesha: Usuku:
Inani lamagama: 80
NOTICE OF MOTION
Hon. Speaker; I give notice that on the next sitting day of this house I shall move as follows:
This House:
Noted New-Age report expressing South African Human Rights Commission’s disappointment that its 2009 recommendations after 2008 xenophobic attacks were ignored by the ANC government.
Had these recommendations been implemented, we may not have seen the recent attacks. Government is to blame therefore for that tragedy.
This House resolves to:
1. Condemn ANC government’s negligence which contributed to the recent xenophobic attacks and tendency to wake up only when the country is burning
2. Advise South Africans that instead of venting their frustrations on fellow-Africans, they must direct their political anger at the government that has proved to be hard of hearing
Hon. Speaker, I shall so move
Signature: Date:
Number of Words: 97
ISAZISO SESIPHAKAMISO
Mhlonishwa SoMlomo; ngokuhlala kwaleNdlu okulandelayo ngiyophakamisa kanje:
LeNdlu:
Ikhathazekile ngombiko we-New Age okhomba ukuthi abahlali basehostela laseGlebelands bethuka izanya ngenxa yokwesabela impilo yabo njengoba sebebaningi asebadliwa yinganono kulelihostela ngenxa yemibango yokwabiwa kwemibhede. Lesisimo siqhubeka naphezu kwezethembiso zikaNdunankulu ngonyaka ofile nalapho amemezela khona izigidi eziyishumi zamarandi zohlelo lokuvikelwa kwabahlali
LeNdlu inquma:
1. Ukunxusa uNgongqoshe wezokuVikelwa koMphakathi ukuba atshale amaphoyisa kuleliyahostela nokuthi uma ehluleka axoxisane noNgqongqoshe wezoKuvikela kutshalwe amasosha azovikela abantu
2. Ukuyala uhulumeni ukuba usheshise ufeze izethembiso zokwenziwa-ngcono kwamahostela ukuze abesesimeni esilungele ukuhlala abantu, ngoba lena ngenye yezimbangela zodlame
Mhlonishwa SoMlomo ngiyophakamisa kanje
Isgnesha: Usuku:
Inani lamagama: 78
NOTICE OF MOTION
Hon. Speaker; I give notice that on the next sitting day of this house I shall move as follows:
This House:
Noted that yesterday’s freedom day at Mtubatuba was turned into an ANC rally like all government functions; as ANC members wore their colours with impunity.
The ANC’s abuse of government events has continued for so long that it is clear that Premier Mchunu has no intention or political will to stop it.
This House resolves:
1. To Call on the Premier to be brave to officially declare that government events are open-field for political parties to use as their campaign platforms
2. That such an announcement will end the ANC’s political ambush on opposition parties as it will be known official government policy
Hon. Speaker, I shall so move
Signature:
Number of Words: 99