Statement by Prince Mangosuthu Buthelezi MP on recent fake video (isiZulu)

UKUQONDISA MAYELANA NELUMBO OKUDUKISWA NGALO UMPHAKATHI EZINDABENI NASEZITHANGAMINI NGOKUNGIBHECA NGOKUSUSA UDLAME
SIKHISHWA NGUMANGOSUTHU BUTHELEZI
UMSUNGULI NOMENGAMELI NGOKUHLONISHWA WEQEMBU LE-IFP

 

Kulezinsuku ezedlule ubuholi be-IFP buqale ukusebenza imini nobusuku endaweni yase-Phoenix ukunqanda labo phakathi kwalomuzi abangoqonda, ababulala abantu abangenacala. Lento eyenzeka ePhoenix isiphethe kabuhlungu kangangoba siyayigxeka ngawo onke amandla esinawo.

Ngakho-ke kusimangalisile ukuthi esimeni esibucayi saloludlame olubi kangaka kuqhamuke umuntu othumela ezithangamini ilumbo elibi njengaleli, alifake ezithangamini.

Ngifisa ukusho ukuthi mina kanye neQembu le-IFP siphatheke kabuhlungu ngendlela esingeyichaze uma othile ozibiza ngokuthi ungu-Comrade ‘M’sirny Mngadi’ acaphune amagama enkulumeni engayenza ngaphansi kwaloludlame oselwenzeka manje ePhoenix, bese enza sengathi ngawabeka manje, muva-nje njengoba sekubheduke loludlame olubuhlungu kanjena ePhoenix. Bese amazwi ami engawakhuluma lungakabibikho loludlame olwenzeke muva, ewabeka nezidumbu zabantu bakithi eziyingcaca ePhoenix. Lomlisa wenza ngabomu sengathi ngangishayela ihlombe ukubulawa kwabantu bakithi. Kodwa mina ngangisakhuluma ngesasikwenza lapha Ondini, sivikela uNdi kuphela ngalesosikhathi, okwakubikwa ukuthi nabantu basePhoenix sebesukumile ukwenza lokho esasikwenza Ondini. Uhlanganisa izinto ezimbili ezingahlangene ngabomu, ekwenzela ukungcolisa igama lami nomlando wami.

Ngenxa yalokhukuganga kanjena kwalomlisa sekuvele intuba ukuba bonke labo ebebevele bengizonda ukuba babhekise zonke izinhlamba lezi ezesabekayo, bengiphahleka ngazo ngaphandle kwesono. Nalabo abavele belwa nokubekwa kweSilo abanengwa yikuthunywa kwami ngumsebenzi wami njengoNdunankulu weSilo eNdlunkulu. Sebesebenzisa lelilumbo loMngadi angibhaceke ngalo ukuthi mina ngishayela ihlombe ukubulawa kwabantu bakithi abamnyama ngamaNdiya ePhoenix.

Angazi ukuthi noma ngisangene kangakanani ngangingashayela ihlombe into ebuhlungu enjengalena eyenzeka ePhoenix, lapho nabaholi be-IFP sebeze bafika kuqala ePhoenix nxa iqhamuka ukuyozama ukubhula lowomlilo walezizenzo ezimbi kangaka ezenziwa ePhoenix kubantu bakithi esengibasebenzele ngokuthembeka nokuzinikela okungaka yonke impilo yami. Zonke izinhlamba namanga ajikijelwa kimi lapho kulesisithangami edlulwa yigama lomunye okhiphe kulesithangami ukuthi; “SENGATHI NGINGAFA NGIBULAWE NGENDLELA ENENSAYO EBUHLUNGU.” Kusobala ukuthi lokhu kulotshwe ngumuntu ongekufa yena. Nalaba abanye abathi sengizokufa pho bese kubanjani ngoba nabo bayokufa noma kanjani. NginguMkrestu ngakho ngoba ngazi ukuthi leli akulo ikhaya lami lokugcina. Ukuphila kwami ngize ngibe ngaka, iningi labakhipha lezinhlamba, abangasoze bakubone kungumusa kaNkulunkulu. Futhi angikucelanga kuSimakade.

Lokhu engakusho ngikhuluma emsakazweni nentatheli akukaze kuhlangane nakancane nalokhu osekwenzeka ePhoenix muva ukubulala abantu bakithi abangenze lutho. Ngangikhuluma mina ngezenzo zokubhidliza umnotho uvele usufele ezandleni zalabo abawuphetheyo, ngisho lungakafiki ngisho nokhuvethe (covid-19). Ngangisho mina ngoba lokhu ngalesosikhathi okwakubikwa yimithombo yezindaba ukuthi bayakwenza abantu basePhoenix sase sikwenze saphumelela ukukwenza ukuvikela izitolo nazozonke izinto ezizinsiza kubantu, amabhange nokunye. Okuyihlazo emhlabeni wonke nxa kuthiwa kwenziwa yithi thina esimnyama. Kuyasihlaza, kwenza umuntu abenamahloni ukuba mnyama ngalesisikhathi. Ngiyazi ukuthi abantu bakithi bampofu nokuthi balambile nokuthi abanye baqhutshwe yilesisimo ukwenza lamanyala. Kodwa ukuphihliza nokushisa izinsiza ezisiza thina nalokho okungamabhizinisi abamnyama yihlazo engingakufela okungcono kunokukushayela ihlombe. Yichilo uqobo lwalo ngoba akwehlukene nokuzihila ngentambo noma nokuphuza ushevu ngoba ububha obuvele busicindezele buvele sebukhuliswe yilezi zenzo zobudlova ngokuphindiwe. Izingane zethu ziswele umsebenzi nokhuvethe seluqedela bonke labobantu ebebetohoza kuzozonke lezinkampani eziphihliziweyo. Kwandise usizi lwethu njengabantu abamnyama. Nabantu abazizamela emgwaqeni, bedayidayisa lokhuya nalokhuya ukuze baphile bayantunta ngokuphindiwe namhlanje. Kungalezizathu ngingasoze ngimbuluze ukuze ngibeligeza elincokazi kunoma ngubani, ukuthi kuhle lokhu esikwenze eNingizimu ne-Afrika njengendlu emnyama.

Yingakho-ke thina lapha Ondini sasukuma sakuvimba lokukusangana okwenziwe ngabantu bakithi.

Ezinhlambeni ezibhekiswe kimi kukhona nabathi lokhu engangikusho bengikusho ngoba ngizonda uMhlonishwa owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma. Angazi-ke ngoba ngaphumela obala ngasho ukuthi ngiyamzwela uMsholozi kanye nomndeni wakhe. Ngathi okungidabukisayo yikuthi udukiswe ngabameli bakhe. Ondini akuzange kuchitheke neconsi legazi ngokuvikela kwethu Undi. Emva koba selishisiwe izwe kwabanamahele ayefana nalawo esiwenza ngokhetho, ezothenga esitolo esasivuliwe Ondini. Ngashayela uMhlonishwa uMengameli weZwe uMnu uRamaphosa ngibona seliya ngomutsha wendoda uhele lulokhu lunjalo, ngathi ngicela baqinise ukuphepha ngoba nxa kuze kuhlwa lababantu bakithi abaqhamuka kulezindawo ezishisiweyo, bazophanduka nabo benze khona lokho.

Ngashayela uMhlonishwa uMnu Bheki Cele. Bathi bazoqinisekisa ukuthi kwelekelelwe ngezokuphepha. Ngenhlahla abaholi bethu Ondini banxenxa abanikazi bezitolo ezazivaliwe, bavuma ukuzivula. Kwathi ngaphambi kuka-6 ngashayelwa nguMhlonishwa uMnu Siphosethu Ngcobo, uNobhala-Jikelele wathi sebephumelele ukuthi bonke lababantu abadilesile bakwazi ukuthenga.

Ngashayelwa ngabantu engingabazi ePhoenix, bethi ngingebacelele yini amasosha nabo azobavikela ngoba bebone imizamo yabo yokuzivikela ishabalala. Konke lokhu kwenzeka kungakabikho noyedwa umuntu osebulewe ePhoenix. Ubuholi be-IFP babulokhu bukhona ePhoenix. Baze abaholi bethu baya nakumahostela ukuyocela kubantu bakithi ukuba bangaze balingeka ukuba kube nodlame.

Ngeke nami ngishayele izandla udlame njengoba abanye kulesithangami bethi ngabulala abantu, basho ukuthi ngake ngaphaka yiphi impi, nokuthi iphi eyami i-MK.

Ngidabuke kakhulu ngabantu bakithi ababulawe ngamaNdiya. Lezizigangi ezibulele abantu bakithi maziboshwe zishushiswe. Ngizwelana nayo yonke imindeni elahlekelwe ngabathandekayo bayo.

Mina ngakhuliswa nguBaba u-Dr Pixley ka Isaka Seme owayeganwe ngumamekazi uMntwana uPhikisile, izibulo leSilo uBabamkhulu uDinuzulu. Yena nabaholi bethu be-ANC bathi izisekelo ze-ANC ngo-1912 ukulwela inkululeko ngokuthula nokuxoxisana. Ngakhuliswa nguye engithuma ngifunda u-Matric e-Adams College. Ngakhuliswa ngumholi wethu Inkosi u-Albert Luthuli. Ngathunywa nguye noMnu Oliver Tambo ukuba ngivume nxa amaZulu engikhetha ukuba ngihole uHulumeni waKwaZulu. Ungumholi wokuqala ukunikwa iminyezana ye-Nobel Peace Prize. Ngakhuliswa ngelulekwa nguBishop Alphaeus Hamilton Zulu waze wafa. Nganenhlahla yokuba ngibe seduzane koMvangeli Omkhulu, u-Pastor Nicholas Bhengu. Abantu abamnyama ngempi yabantu eyayoqeqeshwa e-Vietman ngabaholi abakhulu beqembu elibusayo. Kangizange ngiye lapho ukuyofundela ukuthi ‘IMPI YABANTU’ (People’s War), abaholi beqembu abayoyiqeqeshelwa yona e-Vietnam. Naku-TRC kangizange ngicele i-Blanket Amnesty (uxolo nokungashushiswa) njengoba umholi weqembu elibusayo enza. Bengasho nezinto ababecele loshwele wokungashushiswa, bengachazi ukuthi benzani. Ngathi ngifisa ukuba ngiboshwe, ngishushiswe enkantolo, ngitshenwe ukuthi laba abangibheca ngodlame ku-TRC namanje basho engakwenzayo. Namanje ngisengashushiswa emaphoyiseni angibophe ngishushiswe. U-Pastor Nicholas Bhengu nase-Graaff Reinet ngomngcwabo kaSobukwe lapho izidakwa zazama ukungibulala ngo-1978, ngathathwa nguye ngemoto yakhe ukungisa endizeni engangiyiqashile. Sasibanama-Christian Fellowship Meetings (Izingxoxo Zobudlelwane naye noBishop Alphaeus Zulu). Kangikhohlwa amazwi ayewasho njalo ethi; “‘SinoNkulunkulu oyisimanga njalo – Ours is a Great God,” nami nxa ngibhixwa ngezinhlamba eziqhamuka macala onke njengalenhlamba ebhekiswe kimi ngodaba lwasePhoenix, nami ngithi “OWAMI UNKULUNKULU UYISIMANGA – MINE IS A GREAT GOD”.